INingizimu Afrika idinga abatshalimali ukutakula umnotho wayo
LISUNGULWE NGOWE-1903
CISHE wonke umuntu ohlala eNingizimu Afrika uyazwela kakhulu ephaketheni ngenxa yesimo somnotho esiqhubekayo ngokuba bucayi ezweni, kakukhathalekile noma uqashiwe, uyazisebenza noma usafuna amatoho. Ukuba kubi kwesimo kugqame bha ngoLwesithathu olwedlule ngenkathi uNgqongqoshe wezeMali, uMnu Enoch Godongwana, endlala isabelomali saphakathi nonyaka seminyaka emithathu ezayo, esaziwa ngeleMedium-Term Budget Policy Statement.
Inkulumo kangqongqoshe ikubeke kwacaca ukuthi izwe lisobishini lwezikweletu ezidala ingcindezi kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni. Umsuka wale nkinga wukwehla ngezinga elishaqisayo kwentela engena kuhulumeni ngenxa yokwehla kwenani lemikhiqizo izinkampani ezizimele eziyidayisela amakhasimende akuleli, nawakwamanye amazwe.
Nabantu bakuleli nabo bashayekile ephaketheni ngenxa yobuthaka bezinkampani abazisebenzelayo. Imiholo yezisebenzi kayikhuphuki, kanti ababoleke imali emabhange ukuthenga imizi noma izimoto, basenkingeni ngoba inzalo yezikweletu isikhuphuke ngokuphindiwe.
Ukwehla kwezinga lokudayiswa kwemikhiqizo yakuleli, nokudonsa kanzima kwabathengi kube nomthelela ekwehleni kwentela engena emgodleni kahulumeni, osekuwuphoqe ukuba uye ezimakethe zemali uyoboleka ukuze ukwazi ukukhokhela imisebenzi yomphakathi nezisebenzi zawo.
UGodongwana uthe uhulumeni uzoboleka uR500 million njalo ngonyaka kule minyaka emithathu ezayo, okuzokhuphula ngendlela eyesabekayo imali iNingizimu Afrika eyikweleta izimakethe zemali.
Umthelela wokuba nezikweletu ezingaka wukuthi ingxenye enkulu yemali kahulumeni igcina ikhokhela izikweletu, kunciphe eyabelwe imisebenzi yomphakathi nengqalasizinda.
Isixazululo sale ngwandla esibhekene nayo kasidingi ungqondongqondo; sidinga ukuba uhulumeni ukwazi ukuheha abatshalimali ukuba bakhe izimboni kuleli ezizoqasha izigidi zabantu.
Okuhle ngokwanda kwezimboni wukuthi zikhokha intela kuhulumeni, kanjalo nezisebenzi zazo, ngaleyondlela sehle isibalo sabantu abakhangeza izibonelelo zikahulumeni.
Imali eyongekayo ingasetshenziswa ukukhoha le ntaba yezikweletu izwe elibhekene nayo, kuthi enye ikhokhele imisebenzi yomphakathi, njengengqalasizinda.
Abaholi bamazwe asethuthukile bayakuqonda ukuthi umnotho wezwe usebenza kanjani, nokuthi kudingeka uhulumeni uthathe ziphi izinyathelo ukuze izwe lisimame.
Kuyishobolo ukuthi kuleli lakithi nasemazweni amaningi ezwekazi i-Afrika, inkonyane isathuka isisinga kubantu esibabiza ngabaholi, yingakho sisagajwe yinhlupheko.
Kusezandleni zethu ukuzikhipha kulesi siziba esibhukuda kuso, ngokuba sisebenzise ilungelo lethu lokuvota, siqoke abaholi esicabanga ukuthi bangayenza ngcono impilo yethu.