Kuzovuleka ithuba lokujoyina inkulisa yoSuthu maduze
NGIZOQALA ingosi yanamuhla ngokunazisa ukuthi umdlalo wethu neMamelodi Sundowns obekumele siwugijime ngoLwesithathu uhlehliselwe usuku olungakaqinisekiswa kodwa okubukeka sengathi luzokuba ngonyaka ozayo ngenxa yokuthi ikowamanqamu we-African Football League.
Kuleli sonto sizokuba matasa nezinhlelo zethu zokukhulisa amagatsha abalandeli njengoba sizokwethula elaseMangosuthu University of Technology (MUT) nelaseMtata.
Lokhu kuwuphawu lokusebenza kanzima ukukhulisa izinhlaka zethu zabalandeli.
Maduzane nje, abaqeqeshi benkulisa yethu bazomemezela izinsuku zokuthungatha abadlali abasha abazojoyina uSuthu.
Okumele nikwenze wukungasuki emakhasini ethu ezinkundleni zokuxhumana futhi niqhubeke nokulandela le ngosi ukuzithola zishisa.
Sijabule njengoba uSuthu lungene esigabeni esandulela esamanqamu kwiCarling Knockout lwehlula i-Arrows ngo-3-0 ekhaya.
Siyaziqhenya ngokuzinikela nokusebenza kanzima kwabadlali bethu. Konke kubukeka kuhamba kahle futhi nginethemba lokuthi sizowugcina umgqigqo wethu nasemidlalweni ezayo.
Sibonga siyanconcoza kubalandeli bethu abalokhu benathi njalo, ukuba khona kwabo kuyisibusiso esikhulu eqenjini lonke jikelele.
Nginxusa ukuthi nasemdlalweni wama-semi final abalandeli bafike ngothi lwabo ukuzocindezela izitha esizoqhathwa nazo namuhla ngoMsombuluko ngo-20h30.
Kumele sikhumbule ukuthi le kilabhu kayimele nje abalandeli bayo kuphela, kodwa isizwe nesifundazwe sonkana.
Lokhu kunqoba kuyinkomba yokuthi uma sisebenza ngokubambisana singazuza okuningi, noSuthu luphenduke inkunzi eyesatshwayo ebholeni lakuleli njengoba ehlale esho umengameli wekilabhu uSandile Zungu ukuthi sifanelwe wukubalwa namakilabhu amane avelele kuleli.
Ngifikelwa wumuzwa wokuthi sizoyiqukula le nkomishi uma ngibuka indlela abadlali bethu abazinikela ngayo ukufela ikilabhu, kanjalo nothando olukhonjiswa ngabalandeli.
Sizophinda sihlangane nezimbangi zethu ezinkulu (i-Arrows) ngempelasonto eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, emdlalweni weligi.
Ngiyethemba ukuthi abalandeli bethu bazofika ngobuningi nakulo mdlalo.
Sinibonga kakhulu balandeli bethu ngokuba yingxenye yokubunjwa kabusha kwekilabhu.
Masigcineni umgqigqo omuhle kuzo zonke izingxenye zeNyokan’ Eluhlazana.
Hebe! Usuthu! Hebe!
*UPhilani Ndlela Ngumxhumanisi wamaZulu FC nabalandeli