"LISENKINGENI" IBHOKISA ELINYENYE LAYOKULWA ETANZANIA
KUNGENZEKA ukuthi uzidonsele amanzi ngomsele kwiBoxing South Africa (BSA) uSimphiwe “V12” Vetyeka (osesithombeni) ngenxa yokuthi unyenye wayolwa eTanzania engayitholanga imvume kule nhlangano eyengamele isibhakela eNingizimu Afrika.
IBoxing Act no.11 ka-2001, ithi kumele ibhokisa libhalele iBSA noma lithumele imenenja yalo incwadi yesicelo sokuyokulwa ngaphandle kwezwe kusasele izinsuku eziwu-21 ngaphambi komdlalo.
ILANGA lithole ukuthi uVetyeka uvume impi no-Abeig Kessy Kasongo waseTanzania, wafika wahlulwa ngamaphuzu eDar-Es-Salaam.
Bekungabangwa sicoco. Uhambe nomqeqeshi, uPhila Mzamo.
Okuxake iBSA wukuthi uVetyeka wayikhombisa ilayisense yokuthi usengumqeqeshi osemthethweni ngesikhathi eseyeka ukuba yibhokisa.
Kodwa sekuvele ukuthi leli bhokisa lase-Eastern Cape linamalayisense amabili. ETanzania linikwe ilayisense yokuba yibhokisa kanti eNingizimu Afrika liphethe eyokuba ngumqeqeshi ngaphansi kwesitebela iParadise Boxing Club.
UVetyeka wayegcine ukubonakala eringini eminyakeni ewu-6 edlule, lapho wagingqa khona uThompson Mokwana, owayeyingqwele kazwelonke kwi-lightweight.
Ngesikhathi esavutha, wake waphatha isicoco se-International
Boxing Organisation (IBO) kwi-bantamweight nakwi-featherweight neseWorld Boxing Association (WBA) kwi-featherweight.
UMandla Ntlanganiso oyi-acting chief executive yeBSA, uthe sekufikile ezindlebeni zabo ukuthi uVetyeka uthathe indiza waya eTanzania engayitholanga imvume kubona.
“Sizophoqeleka ukuthi siyicacise kabanzi indaba yokuthi ilayisense isebenza kanjani. Sizoxhumana namazwe ase-Afrika nezinhlangano ezihlela izimpi ukucaciselana ngemithetho, ukuvimba ukuthi amabhokisa akuleli avume izimpi engayilandelanga imigudu.
“Sizoyifakela izibuko indaba kaVetyeka,” kusho uNtlanganiso.
Sibhekwe ngabomvu isinqumo esizothathelwa uVetyeka yize abake bagila lo mkhuba ngaphambilini baphunyuka.
U-Ali “Rush Hour” Funeka, umqeqeshi uVuyani “The Beast” Bungu nemenenja uMzimase Mnguni banyenya bayothatha impi ye-International Boxing Federation (IBF) neWorld Boxing Organisation (WBO) kwi-lightweight noNate Campbell eFlorida e-USA ngo-2009.