BADONSWE NGENDLEBE ABAVIKELA ISICOCO SE-AFCON
UDONSA ozakwabo ngendlebe umdlali ongaconsi phansi kubantu baseSenegal njengoba ebenzela izinto ezimangalisayo.
ISenegal izobhekana ne-Ivory Coast emdlalweni wesigaba se-last 16 kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) namuhla ngoMsombuluko ngo22h00 e-Ivory Coast.
Lo mdlalo yiwona othathwa njengomkhulu kulo mqhudelwano kulesi sigaba njengoba kubhekene izingqungqulu ezihlonishwayo e-Afrika.
Okwenza lo mdlalo ube nesasasa wukuthi iSenegal yiyona evikela lesi sicoco futhi isefomini emangalisayo njengoba ibhudluza kwasani ephambi kwayo kulo mqhudelwano.
Iyinqobe yomithathu imidlalo yayo yamaqoqo. Izobhekana ne-Ivory Coast engosokhaya. Kuphuma ngisho esinedolo uma idlala.
Nokho i-Ivory Coast ishaye udaka ensimini njengoba ingene kulesi sigaba sekuvalwe amehlo. ISenegal yiyona ethishwa ukuwunqoba lo mdlalo.
USadio Mane oyisithandwa sabalandeli beSenegal njengoba engagcini ngokubathokozisa enkundleni nje kuphela kodwa ebakhela izibhedlela nezikole, udonse ozakwabo ngendlebe njengoba beya kulo mdlalo.
“Kakufanele neze siye kulo mdlalo ngeqholo lokuthi sisefomini futhi siyizimfivilithi ngoba lokho kungasidalela ingozi. Okwenzeke emdlalweni wamaqoqo sekungumlando, ngesinye isigaba lesi, siqala isahluko esisha salo mqhudelwano.
“Ozakwethu kuzofanele bangalenzi iphutha lokuzitshela ukuthi sizodlula kalula kwi-Ivory Coast ngoba ingadlalanga kahle (esigabeni samaqoqo) ngoba lokho kungasifaka enkingeni. Kufanele sibanike indawo yabo ngoba ekugcineni bayiqembu elihle, elinabadlali abaseqophelweni eliphezulu.
“Ngaphandle kwalokho bazobe benomdlali ka-12 enkundleni ngoba basekhaya, abalandeli babo bazophuma ngobuningi babo ukuzobeseka. Okufanele sikwenze nje thina wukungena enkundleni sidlale ibhola ngokuzethemba bese sikuqinisekisa ukuthi umdlalo siwunqobela abantu baseSenegal,” kusho uMane.