IMilford ifuna ukubhodlela komkhaya
Udinwe uyaveva umqeqeshi weMaritzburg Utd bephunyukwa yinyamazane
IFUNA ukubhodlela komkhaya iMilford FC ezokwamukela iMaritzburg United koweMotsepe Foundation Championship (MFC) ngoMgqibelo ngo-15h30 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. IMilford - ebuye ilambatha iguqiswa yi-Orbit College ngo-1-0 ekuhambeni - ithi ifuna ukusikhiphela kwiTeam of Choice isibhongo.
UDkt Xanti Pupuma (ogqoke ikepisi esithombeni) ongumqeqeshi abuye abengumnikazi weMilford, utshele ILANGA ukuthi njengoba bephoxile ekuhambeni, bazimisele ngokuwalungisa kwiMaritzburg amaphutha abawenze kowe-Orbit. Uthe abadlali kufanele bavuke bazithathe ngoba kasikho isikhathi sokuphumula njengoba imidlalo isondelene ngokuxakile.
“Ukuba bekuya ngami ngabe lo mdlalo wethu nomkhaya siwuhlehlisile, siqale ngoweNedbank Cup (ongelizayo). Kepha kakukho esingabuye sikwenze. Sizimisele ngokuphendula amatafula ngomkhaya ngoba sobabili sidonsa kanzima futhi sehlukaniswe ngamaphuzu ambalwa.
“Sifike namuhla (esho izolo ngoLwesithathu) ngendlela okukude ngayo (eNorth West). Sekuzomele siphumule, abadlali babuyele ejimini ngoLwesihlanu (kusasa) ukuze balule imisipha kahle. Kakukho esilwa nakho ngaphandle kokulungisa imiqondo yabadlali. Bayazi nabo kufanele sivuke ngeTeam of Choice.
“Ngicela abalandeli ukuba bafike ngobuningi babo enkundleni ukuzokhuthaza abadlali ngalesi sikhathi esinzima esibhekene naso. Nginelikhulu ithemba lokuthi izinto zizohlangana ngokushesha. Lo mdlalo ufana nempi yoqobo ngoba imidlalo yobungani sijwayele ukuyidlala nayo,” esho.
USimo “Govuza” Dladla opheka iTeam of Choice, ubedinwe eveva ngesenzo sabadlali bakhe sokudedela umdlalo neCasric Stars ekhave umdlalo usuyophela kwaba wu-3-3 ngoLwesibili ekuhambeni. Uthe ukuba babuye namaphuzu agcwele kwiCasric ngabe yehlile ingcindezi.
* Isiyonke imiphumela yemidlalo yeMFC imi kanje: Baroka 1, Platinum 1; Leopards 0, Pretoria 1; Gallants 1, Venda 0; JDR 0, Magesi 2; Orbit 1, Milford 0; La
Masia 1, Tuks 2; Upington 1, Hungry 1; Casric 3, PMB 3.
* Imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:
KUSASA
ETuks Stadium: University of Pretoria vs Upington City 15h30.
EDobsonville: NB La Masia vs JDR Stars 15h30.
NGOMGQIBELO EThohoyandou: Black Leopards vs Platinum City Rovers 15h30.
EGlobal Village: Baroka FC vs Pretoria Callies 15h30.
EGWK Stadium: Hungry Lions vs Venda FC 15h30.
EPrincess Magogo: Milford FC vs Maritburg United 15h30.
NGESONTO
E-Olympia Stadium: Orbit College vs Casric Stars 15h30.
E-Isak Steyl: Marumo Gallants vs Magesi FC 15h30.