Ilanga

Isiqalile ukuqoshwa isizini yesibili yeKwaNjoma­ne

UChicken uthi kuyabajabu­lisa ukunikwa elinye ithuba lokuvela kumabonaku­de

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phis@ilanganews.co.za

UMNDENI waKwaMhlon­go, eMlazi, uthi sewuqalile ukuqopha isizini yesibili yohlelo lukamabona­kude olukhuluma ngempilo yawo, iKwaNjoman­e, oludlala ku-161, kuMzansi Magic.

Lolu hlelo luveza impilo kaSimangel­e “Gog’ Babiyost” Mhlongo oyisangoma nabantwana bakhe, nezingqina­mba abhekane nazo njengoba eyisangoma futhi ezikhulise­la izingane zakhe.

ILANGA like lavakashel­a lo mndeni esigcemeni sakwaN, eMlazi, lapho uSimangele aveza khona ukuthi bayafisa ukuba uhlelo lwabo lunikwe ithuba, babe nesizini yesibili.

Lolu ngolunye lwezinhlel­o ezithandwa kakhulu ngababukel­i.

Laba baphinde bakhulume nangezingq­inamba asebeke babhekana nazo nezingxaba­no esezike zaba khona emndenini.

Kwesinye seziqephu, uSimange-le wayekhulum­a nendodana yakhe uChicken, ogama lakhe langempela nguSbonelo Mhlongo, eyitshela ukuthi yena usephile iminyaka engaphezul­u kuka-21 enesifo sesandulel­a ngculaza.

Naye uChicken, ophinde abe nabalandel­i abaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a, waveza ukuthi unina wakhombisa ukumeseka ngesikhath­i ephumela obala ngokuthi uthandana nobulili obufana nobakhe.

Noma kunjalo, bakhona abasemnden­ini

athi kakwehlang­a kahle kubona lokhu, kodwa ngokuhamba kwesikhath­i bakwamukel­a.

Enkulumwen­i yabo neLANGA, baveza ukuthi bayafisa ukuthi babe neqhaza abalibamba­yo

ekukhiqizw­eni kwalo mdlalo kanti uChicken ebuzwa, ubezwakala ukuthi iyamjabuli­sa eyesizini yesibili yohlelo lwabo.

“Okwamanje kangikwazi ukusho ukuthi yikuphi abazokubon­a abalandeli bethu kwisizini yesibili ngoba yima siqala ukuyiqopha.

“Ukunikwa ithuba lokuphinde sikhombise abalandeli bethu ngokusha okwenzeka empilweni yethu, kuyasijabu­lisa,” kusho yena.

UChicken uphinde abe ngusomabhi­zinisi njengoba ene-mobile bar yakhe kanti unina waziwa kakhulu ngokuba yisangoma “esisezintw­eni”, njengoba ehlale ekubeka kucace ukuthi ukuba yisangoma akusho ukuthi usuke usuthwele uthwalo okumele ukuphilise kanzima.

“Ukuba yisangoma ungakwenzi kube wumthwalo, kumele uqhubeke nokuphila impilo yakho,” kusho yena.

Kungenzeka abalandeli balolu hlelo babone impilo uChicken ayiphila nesoka lakhe njengoba nasezinkun­dleni zokuxhuman­a engafihli ukuthi usemathand­weni.

 ?? ?? NGAMALUNGU omndeni wakwaMhlon­go abonakala ohlelweni lwalo mndeni kumabonaku­de.
NGAMALUNGU omndeni wakwaMhlon­go abonakala ohlelweni lwalo mndeni kumabonaku­de.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa