Isiqalile ukuqoshwa isizini yesibili yeKwaNjomane
UChicken uthi kuyabajabulisa ukunikwa elinye ithuba lokuvela kumabonakude
UMNDENI waKwaMhlongo, eMlazi, uthi sewuqalile ukuqopha isizini yesibili yohlelo lukamabonakude olukhuluma ngempilo yawo, iKwaNjomane, oludlala ku-161, kuMzansi Magic.
Lolu hlelo luveza impilo kaSimangele “Gog’ Babiyost” Mhlongo oyisangoma nabantwana bakhe, nezingqinamba abhekane nazo njengoba eyisangoma futhi ezikhulisela izingane zakhe.
ILANGA like lavakashela lo mndeni esigcemeni sakwaN, eMlazi, lapho uSimangele aveza khona ukuthi bayafisa ukuba uhlelo lwabo lunikwe ithuba, babe nesizini yesibili.
Lolu ngolunye lwezinhlelo ezithandwa kakhulu ngababukeli.
Laba baphinde bakhulume nangezingqinamba asebeke babhekana nazo nezingxabano esezike zaba khona emndenini.
Kwesinye seziqephu, uSimange-le wayekhuluma nendodana yakhe uChicken, ogama lakhe langempela nguSbonelo Mhlongo, eyitshela ukuthi yena usephile iminyaka engaphezulu kuka-21 enesifo sesandulela ngculaza.
Naye uChicken, ophinde abe nabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana, waveza ukuthi unina wakhombisa ukumeseka ngesikhathi ephumela obala ngokuthi uthandana nobulili obufana nobakhe.
Noma kunjalo, bakhona abasemndenini
athi kakwehlanga kahle kubona lokhu, kodwa ngokuhamba kwesikhathi bakwamukela.
Enkulumweni yabo neLANGA, baveza ukuthi bayafisa ukuthi babe neqhaza abalibambayo
ekukhiqizweni kwalo mdlalo kanti uChicken ebuzwa, ubezwakala ukuthi iyamjabulisa eyesizini yesibili yohlelo lwabo.
“Okwamanje kangikwazi ukusho ukuthi yikuphi abazokubona abalandeli bethu kwisizini yesibili ngoba yima siqala ukuyiqopha.
“Ukunikwa ithuba lokuphinde sikhombise abalandeli bethu ngokusha okwenzeka empilweni yethu, kuyasijabulisa,” kusho yena.
UChicken uphinde abe ngusomabhizinisi njengoba ene-mobile bar yakhe kanti unina waziwa kakhulu ngokuba yisangoma “esisezintweni”, njengoba ehlale ekubeka kucace ukuthi ukuba yisangoma akusho ukuthi usuke usuthwele uthwalo okumele ukuphilise kanzima.
“Ukuba yisangoma ungakwenzi kube wumthwalo, kumele uqhubeke nokuphila impilo yakho,” kusho yena.
Kungenzeka abalandeli balolu hlelo babone impilo uChicken ayiphila nesoka lakhe njengoba nasezinkundleni zokuxhumana engafihli ukuthi usemathandweni.