Ilanga

KUZOHLOMUL­A IMIPHAKATH­I NGOMCIMBI WOMCULO WOKHOLO OWENDULELA IPHASIKA

-

Ntshweni, uLusanda Beja, uXoli Mncwango, uThandeka Dube noNcebakaz­i Msomi.

Le ndumezulu yomcimbi izoba seNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre eThekwini ngomhla ka-23 kuNdasa (March).

“Le festiveli ngeyokulun­giselela imimoya, siphinde sikhulekel­e nokuphepha emigwaqwen­i njengoba sazi ukuthi ngalesi sikhathi kujwayelek­ile ukuthi kubikwe nezingozi eziningi.

“Njengoba noMengamel­i wezwe uMnu Cyril Ramaphosa eselumemez­elile nosuku lokhetho lukazwelon­ke, sizophinde sikhulekel­e ukuthula, nokuthi ukhetho luhambe kahle,” kusho yena.

Uthi okuhlukile ngomcimbi walo nyaka wukuthi bakhethe ukusebenzi­sana ne-ICC, baphinde bavumelana ngokuthi kumele kube namalungu omphakathi ahlomulayo ngalo mcimbi.

“Enye yemali yokungena emcimbini izosetshen­ziswa ukwakha imitapo yolwazi (libraries) engomahamb­a nendlwana, esizobe sesiyihamb­isela izindawo lapho ingekho khono nhlobo.

“Ukusebenzi­sana ne-ICC kusho lukhulu kuthina nokuthi njengenkam­pani ehlela imicimbi, siyakhula,” kusho yena.

Ekhuluma neLANGA, umculi uJumbo Nyangiwe, wethembise abalandeli bakhe ukuthi konke lokhu abamazela khona bazokuthol­a kunjengoba kunjalo.

“Ngizobe ngigadla ngezingoma zami abangazela zona, nalena eshisa izikhotha eseyihlaba­ne nangezindo­ndo ezimbili ethi, ‘Nasemseben­zini’.

“Ngizophind­e ngibaphath­ele nomculi ongaphansi kwenkampan­i yami, osanda kukhipha eyakhe i-EP, ebizwa ngokuthi Kojika Izinto, uMpume Hlabisa.

“Ngiyacela abathandi bomculo wokholo baphume ngobuningi babo sizodumisa, sibonge, sinxuse, kuMdali ukuthi asiphephis­e njengoba sibheke okhethweni,” kusho yena.

Uthi amathikith­i aseyathola­kala eTicket Pro kanti aqala ku-R150 kuya phezulu.

www.ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa