Ibikhululekile enkantolo ingoduso yephoyisa ‘elabulawa’
Kuthiwa zaqina izinsolo mhla kufihlwa umyeni, yashaya yachitha
IMASHELWE ngamalungu omndeni nomphakathi imenenja yesitolo sokudla eshaqwe ngamaphoyisa isemsebenzini, ngemuva kophenyo oluholele ekuboshweni kwayo ngoba iyanyaniswa nezinsolo zokuba nesandla ekufeni komyeni wayo. Umufi obeyiphoyisa, isidumbu sakhe satholakala sidindilize ngaphandle kwefulethi ayehlala kulona naye umsolwa oThongathi, eThekwini.
UNkz Xolile Cele (34) obevele eNkantolo yeMantshi eVerulam ngoMsombuluko, ubebonakala engumuntu ozikhululekele. Usolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaSgt Sakhile Manyisa (36), owabulawa ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June) 2022.
Umsolwa uboshwe ngemuva kophenyo olwenziwe wuphiko lwezobunhloli nalolu oluphenya amacala obugebengu ngaphansi kwesiteshi saseMhlali, KwaDukuza.
Isidumbu sikaSgt Manyisa satholakala sinegazi ekhanda nasemzimbeni. Ngokophenyo olwenziwa kwababekhona, batshela amaphoyisa ukuthi umufi uzibulele ngokuziphonsa phansi esitezi efulethini.
UMnu Siphiwe Manyisa onguyise kamufi, utshele leli phephandaba ukuthi ngemuva kokuba kuhlolwe isidumbu, kwatholakala ukuthi indodana yakhe yashaywa ngokuthile ekhanda okwaholela ekutheni ife.
Izimoto zamaphoyisa zifike zilandelana enkantolo, okuthe sekuzodilika umsolwa, amalungu omphakathi agijima ayovala isango okungeniswa ngalo iziboshwa, emchapha ngenhlamba umsolwa.
Ufike enkantolo egqoke ibhulukwe elihambisana nejakhethi yakhona, efaswe ngozankosi, izandla zingemuva. Ebhokisini labasolwa ungene esegqoke ingubo enombala ophuzi, esekhishiwe ozankosi.
Ubelokhu enqekuzisa ikhanda. Isandla esifakwa indandatho yomshado ubelokhu esibuyisa ngemuva, lapha obekuhleli ngakhona amalungu omndeni kamufi.
Ngaphandle nangaphakathi enkantolo bekunamalungu omphakathi nawomndeni abephethe izingqwembe ezinemibhalo egadla kumsolwa. Ezinye bezibhalwe ukuthi anganikwa ibheyili.
Amalungu omphakathi akhulume naleli phephandaba ngaphansi kombandela wokuba angadalulwa, aveze ukuthi abekulindele ukuthi uphenyo luzohamba luze lufinyelela kumsolwa, oboshiwe.
“Kwasekuqaleni yayivele ibonakala indaba yalaba bantu. Babehlala ngokuxabana ezikhathini eziningi. Besikulindele ukuthi kuzoboshwa yena ngaphambi
kokuba kuboshwe abanye. Ilungu lomphakathi lithe: “Saqala ukusola ngosuku lokuqala kubulewe uSakhile. Into asibikela yona ngokushona kwakhe yayivele ingahlangani, kucaca ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokufa kwakhe.
“Okunye okwaqinisa izinsolo zethu wukuthi ngosuku lomngcwabo waphuma nomndeni kuyiwa emathuneni emuva kwalokho akabange
esabuya ekhaya, sezwa kuthiwa uthathwe yimoto emathuneni. Ngesonto elilandelayo kwezwakala ukuthi ubesemahhovisi kahulumeni, eyofaka isicelo sokukhokhelwa imali yefa likaManyisa.”
Uyise kamufi uthe banethemba lokuthi inkantolo izolusingatha ngendlela efanele lolu daba. Umsolwa uzofaka isicelo sokudedelwa ngebheyili maduze. phumlani@ilanganews.co.za