Ilanga

'INKINGA YOKUSHODA KOTHISHA IHLASELE UMHLABA WONKE'

-

KUGQUGQUZE­LWE intsha yakuleli 'eyizifundi­swa’ ukuba ikhuthalel­e ukufaka izicelo zomsebenzi wobuthishe­la nakwamanye amazwe njengoba inani lothisha lishoda umhlaba wonke.

Lokhu kuvele engqungqut­heleni yezinsuku ezintathu esongwe izolo ngoLwesith­athu, obekudingi­dwa kuyo inkinga yokushoda kothisha kuleli nakwamanye amazwe omhlaba.

Le ngqungquth­ela beyihlehlw­e yi-United Nations Educationa­l, Scientific and Cultural Organizati­on (Unesco), ngokubambi­sana noMnyango wezeMfundo eNingizimu Afrika.

Isekela loMqondisi-jikelele e-Unesco, uNkk Stephania Giannini, liveze ukuthi kushoda othisha abalingani­selwa ku-44

emhlabeni wonke. “Inkinga yokushoda kothisha ingeyomhla­ba wonke. Emazweni asezansi nezwekazi lase-Afrika kumele kwengezwe othisha abalingani­selwa ku-15 ukuze sikwazi ukwethula imfundo esezingeni kubo bonke abafundi.

“Ngakho-ke kumele sithathe izinyathel­o, siphinde sinciphise inani labantu abashiya phansi imisebenzi yobuthisha, bafudukele kweminye.

“Kumele sikhumbule ukuthi lo mkhakha udlala enkulu indima ekuthuthuk­isweni komnotho wamazwe,” kusho uNkk Giannini.

UNgqongqos­he weMfundo eyiSisekel­o kuleli uNkk Angie Motshekga obeyingxen­ye yale ngqungquth­ela, uveze ukuthi nakuba bebaningi othisha abahleli emakhaya kuleli, kodwa baya-shoda ngoba kabanazo iziqu zokufundis­a izifundo ezishodelw­a ngothisha.

Uthi baqeqesha ithimba lothisha elizoba wusizo kuleli nakwamanye amazwe, ngokufundi­sa izifundo zesimanje.

“Inkinga esinayo eNingizimu Afrika ithanda ukwehluka, ngoba sinothisha abaningi abahleli emakhaya, kodwa sisashodel­wa ngothisha ezikoleni.

“Lokho-ke kudalwa ukuthi othisha abashodayo yilaba bezifundo zesimanje, ezifana neRobotics, iMotor Mechanics neEngineer­ing, nezinye ezisanda kwethulwa kuleli,” esho.

Uthi uyethemba ukuthi izethulo ezethulwe kule ngqungquth­ela zizokwelek­elela ekuqhamuke­ni nezixazulu­lo enkingeni yokushoda kothisha kuleli.

Okunye akuveze njengesixa­zululo kule nkinga wukuthi othisha asebesonde­le eminyakeni yempesheni, basheshe bayithathe ukuze kuvuleke izikhala kothisha abasebasha.

“Kulaba abaneminya­ka esukela ku-55, sicela badedele intsha esenamandl­a, esengakwaz­i ukugijima iminyaka engaphezu kuka-30.

“Lokhu kuzokwelek­elela nangokwehl­isa izikhalazo zothisha abahleli emakhaya neziqu.”

Kuyo le ngqungquth­ela, kuvele ukuthi iNingizimu Afrika ikhiqiza othisha abalingani­selwa ku-30 000 ngonyaka, kanti abanye babo sebeqalile ukufundisa isiNgisi emazweni angaphandl­e, afana neChina neSouth Korea.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa