Makuqokwe izikhulu ezintsha eTransnet, ukuze ibuyelwe yisithunzi
KUBUHLUNGU ukufunda ngokudilizwa kwabantu embonini yokumbiwa phansi ngenxa yokwehla kwamanani emikhiqizo, nangenxa yokuthi izimayini azikwazi ukuyisa imikhiqizo emakhasimendeni.
Imikhiqizo yezimayini iyambondelana ngenxa yezinkinga zezitimela namachweba, okuhlinzekwa yiTransnet. Isixazululo abezimayini abanaso wukunciphisa umkhiqizo, nokudiliza izisebenzi.
Inkinga yezokuthutha yinselelo enkulu emnothweni, futhi yingakho abamabhizinisi nohulumeni besebenzisana ukuthola izixazululo ngokushesha.
Simelwe yiBusiness for South Africa, sibambisene nohulumeni ekuhlanganiseni izixazululo kulezo zinto eziphuthumayo, sibe seseka izinguquko zokuphucula indlela umsebenzi owenziwa ngayo.
Ikomidi elibhekelele inkinga yezokuthutha, iNational Logistics Crisis Committee (NLCC) lasungulelwa ukuhlanganisa wonke umuntu kanti linezinyanga eziyisithupha lisebenza.
Linongoti abangaphezu kuka-45 bemboni ezimele nezikhulu eziphezulu abanolwazi ngokusebenza kwezitimela, amachweba nemigwaqo.
Kunamathimba ayisihlanu asehlanganisiwe ukuthuthukisa ukusebenza kwezitimela, amachweba, imigwaqo, ukuwela emingceleni nezokuphepha. Uhulumeni uhola amathimba amathathu agxile emigomweni (policies) nemithetho (laws).
Sekuvele kunezinto ezinhle esizizuzile kulolu hlelo. Isibalo semikhumbi emi ngaphandle kwechweba laseThekwini sinciphe ngo-45%, kwathi isikhathi esimiwa yimikhumbi ethwala amakhonteyna sancipha ngo-36%.
Onogada nezinye izinhlaka ezixhaswe ngabamabhizinisi sezivele ziyasiza ukunciphisa ubugebengu ezitimeleni.
Imizamo eyenziwa emngceleni waseLebombo seyiholele ekutheni izimoto ezidlula khona zikhuphuke zisuke ku-1 600 ziye kweziwu-1 900 ngosuku.
Lezi zinto ezenziwe zingasiza ukunciphisa umphumela omubi okwesikhashana.
Njengoba sesifundile ngemboni kagesi, yizinguquko ezinqala kuphela ezingashintsha izinto nendlela umsebenzi oqhubeka ngayo.
Izindaba ezinhle wukuthi iNLCC isivele isikhiqize umhlahlandlela omuhle, ongasiza ukuletha izinguquko ezidingekayo kwiFreight Logistics Roadmap and the Private Sector Participation, esiphasiswe nayiKhabhinethi.
Lokhu kubikezela ushintsho endleleni okwenzeka ngayo izinto.
Okwamanje kuthenjelwe kwiTransnet kuphela, kodwa kubukeka izogcina ivuleka imboni, kwande ukuncintisana.
Inselelo enkulu wukugcina uzinzo. Kulokho-ke sithembele ekuqokweni kobuholi obusha eTransnet.
Sekuphele cishe izinyanga eziyisithupha le nkampani ingenayo iCEO, nezinye izikhulu.
Kunohlelo oluqhubekayo lokuqoka isikhulu esiphezulu esisha, oluqinisekiswe yimibiko yabezindaba ngesonto eledlule, eveze ukuthi ibhodi libhekene nenkinga yokugxambukela kwepolitiki.
Kuyishwa lokhu; uma iTransnet izobuyela endaweni yayo yokuphatha nokusebenzisa kahle ingqalasizinda yezitimela namachweba, kufanele ibe nebhodi nethimba lezikhulu elibambisanayo.
Enye yezinkinga ezinqala endleleni amabhizinisi kahulumeni aphathwa ngayo wukuthi ungqongqoshe emnyangweni wamabhizinisi kahulumeni unamandla okuguqula isinqumo sebhodi uma kukhulunywa ngokuqoka izikhulu eziphezulu.
Lokhu kwenza ibhodi lingakwazi ukusebenza ngoba kalikwazi ukufuna kahle izimpendulo kwisikhulu esiphezulu (ngoba sisuke siqokwe wuhulumeni), okuyinkinga esiyibonile e-Eskom phambilini.
Ngakho-ke kubalulekile ukuthi uhlelo lwepolitiki lugxile ekutheni lungaleseka futhi lulifukule kanjani ibhodi, hhayi ukubukela phansi umsebenzi walo.
Njengoba uhulumeni kunguyena kuphela umnikazi walawa mabhizinisi, ungaqoka amalungu ebhodi, kodwa kufanele uwanike amandla okwenza umsebenzi wawo.
Inselelo enkulu elandelayo yisimo sezimali seTransnet.
Imangazile eyokuthi kuncane okushiwo ngeTransnet kwisabelomali ngesonto eledlule.
UMnyango wezeMali uhlinzeke iTransnet ngesibambiso sika-R47 billion, ukuyisiza ikwazi ukuyoboleka imali. Lesi sibambiso sikhishwe nemibandela efaka ukuthi le nkampani kufanele iqale ukubambisana nemboni ezimele.
Lesi sibambiso ngesokuthi iTransnet ikwazi ukubhekana nezidingo zayo eziphuthumayo, kodwa kumqoka ukuthi izenze nezinguquko ezizolungisa izinkinga zayo zemali.
Indlela uMnyango wezeMali owenze ngayo, ufaka ingcindezi yokuthi kwenziwe izinguquko ezizosiza, futhi kufanele ngoba imiphumela emibi yokungasebenzi kahle kweTransnet iyezwela emnothweni wezwe.
Uhlelo lokuletha izinguquko eTransnet lusheshile ukuhlanganisa izinsizakusebenza okubalwa kuzo neqhinga lokusimamisa le nkampani.
Kodwa lokhu kungaba sengozini uma kungaqokwa abantu abanamava eTransnet, futhi abazokwesekwa ukuthi benze izinguquko, beholwa yibhodi.
* UNkz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA