Ilanga

Bazimisele ngokubukel­a kobhuti beDowns

Injejane yale kilabhu ifuna ukuketula eyePirates kwiDDC

- MFANAFUTHI NDLOVU

BAFUNA ukuhamba ezinyathel­weni zobhuti abadala abadlali abagijima kwiMamelod­i Sundowns Reserves ezama ukuhlwitha iqatha emlonyeni kwinjejane ye-Orlando Pirates eziholayo kwiDStv Diski Challenge (DDC). Injejane yeDowns ilele endaweni yesibili kwi-log.

IDowns izokwamuke­la iCape

Town City Reserves ngoMgqibel­o ngo-10h00 eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ihambela phezulu njengoba ngeledlule ibhudluze AmaZulu FC Reserves ngo-3-0.

USinethemb­a Badela (osesithomb­eni) opheka iSundowns Reserves, utshele ILANGA ukuthi ukunqoba yinto abayigxili­sa kubadlali besebancan­e, besafika nje kule kilabhu. Uthi okwenza ukuthi izinto zibe lula wukuthi zonke izikwati zeSundowns zizilolong­ela endaweni eyodwa, okwenza abadlali abasakhula bafunde lukhulu kwabadala.

“Ngaso sonke isikhathi uma kukhona abadlali ababizelwa emaqenjini esizwe kumbe behambile ngenxa yemidlalo emikhulu yeCaf, laba abasakhula banikwa ithuba lokuziqeqe­sha nesikimu esikhulu ukuze basheshe bajwayele khona. Kubaluleki­le ukuba bazethembe besakhula ukuze bangashayw­a wukwesaba uma ithuba selivela,” esho.

* Kuzo ezeDDC, kubhekwe buphele ubungani phakathi kwabaqeqes­hi bamaZulu FC azoshukana nePirates Reserves koweDDC ngoMgqibel­o ngo-10h00 eRand aphekwa nguJoseph “Dukuduku” Makhanya no-Andile “Sguda” Cele abangabang­ani abakhulu kusukela besadlala kwiBucs.

USguda uthi usalwa nokubuyisa ukuzethemb­a kubadlali boSuthu ngemuva kwesibhaxu seDowns sangeledlu­le.

* Isiyonke imidlalo yeDDC engempelas­onto imi kanjena: NGOMGQIBEL­O

E-Isak Steyl: Sekhukhune Reserves vs Arrows Reserves 10h00; Swallows Reserves vs AM Reserves 12h00.

ELucas Moripe: Sundowns Reserves vs Cape Town City Reserves 10h00.

EWolfson Park: Chippa Reserves vs Polokwane Reserves 10h00.

ERand Stadium: Pirates Reserves vs AmaZulu FC Reserves 10h00.

NGESONTO

ELucas Moripe: SuperSport Reserves vs Spurs Reserves 10h00.

ETsakane Stadium: TS Galaxy Reserves vs Chiefs Reserves 12h00.

E-Idas Valley: Stellenbos­ch Reserves vs Richards Bay Reserves 12h00.

mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

 ?? ?? Stadium, eGoli. La makilabhu
Stadium, eGoli. La makilabhu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa