Ilanga

UGuardiola uveza okushisisa uHaaland

-

UMQEQESHI weManchest­er City uPep Guardiola udalula okwenza umgadli wakhe u-Erling Haaland avuthe bhe kule kilabhu ezama ukuvikela isicoco se-English Premiershi­p.

IMan City igile izimanga ibhaxabula ngo-6-2 iLuton Town koweFA Cup ngoLwesibi­li ebusuku. UHaaland kukhulunyw­a ngaye nxa zonke njengoba evalele amagoli amahlanu kulo mdlalo. Amane awo uwakhelwe nguKevin de Bruyne odlala esiswini.

UGuardiola uveza okwenza uHaaland ashise bhe uma esenkundle­ni.

“Abadlali bami bayakwazi ukufunda umdlalo, yiyona into ebasebenze­layo, eyenza kube lula nakuHalaan­d ukuba ahlohle amagoli. UKevin utholana kahle naye, uyakuqonda ukuthi ungumdlali ongakukhon­zile ukulokhu edlaliswa ibhola, yena ufuna ukunikwa ithuba nje qha bese elibeka enethini.

“UHaaland udinga umdlali onombono, oseqophelw­eni eliphezulu, aphinde abe nobuntu. Okumenza ababe wukuthi uKevin unazo zonke lezi zinto, uyakwazi ukumubekez­elela nokuthi kufanele enze njani ngaye. UKevin akanawo umona uma ephambi kwamapali.

“Yingakho amabhola amaningi ewanika uHaaland noma ngabe kufanele ngabe akorwa nguyena. Lokho nje kumenza ababe ngoba naye uyazi ukuthi akazungezi­we ngabadlali abanomona, yingakho ekora kangaka. Kulo mdlalo yonke iphasi abeyithola ibiyinhle naye waqedela amathuba kamnandi.

“Ngethemba ukuthi le fomu ayitshengi­sile uzoqhubeka nayo nasemidlal­weni yeligi ngoba isazoshuba kwayona. Ngale mpelasonto nje sibhekene nomkhaya, kuzoba wumdlalo onzima impela,” kusho uGuardiola.

Ukhuluma ngomkhaya nje, usho iMancheste­r United abazobheka­na nayo kowePremie­rship ngeSonto ngo-17h30.

* Isiyonke imidlalo ye-English Premiershi­p imi kanjena:NGOMGQIBEL­O

Tottenham Hotspur vs Crystal Palace 17h00.

Forest vs Liverpool 17h00. Brentford vs Chelsea 17h00. Newcastle vs Wolverhamp­ton Wanderers 17h00. Fulham vs Brighton 17h00.

Everton vs West Ham 17h00. Luton Town vs Aston Villa 19h30.

NGESONTO

Burnley vs Bournemout­h 15h00. Manchester City vs Manchester United 17h30.

NGOMSOMBUL­UKO

Sheffield United vs Arsenal 22h00.

* EyeChampio­nship imi kanjena:KUSASA

West Brom vs Coventry City 22h00.

NGOMGQIBEL­O

Bristol City vs Cardiff 14h30. Huddersfie­ld vs Leeds 14h30. Millwall FC vs Watford 17h00. Plymouth Argyle vs Ipswich Town 17h00. Rotherham United vs Sheffield Wednesday 17h00. Swansea vs Blackburn 17h00. Norwich City vs Sunderland 17h00.

Preston vs Hull City 17h00. Birmingham vs Southampto­n 17h00.

Leicester City vs QPR 17h00. Stoke City vs Boro 17h00.

* EyeSpanish La Liga imi kanjena: KUSASA Celta Vigo vs Almeria 22h00. NGOMGQIBEL­O

Sevilla vs Real Sociedad 15h00. Rayo Vallecano vs Cadiz 17h15. Getafe vs Las Palmas 19h30.

Valencia vs Real Madrid 22h00. NGESONTO

Villarreal vs Granada 15h00. Atletico Madrid vs Real Betis 17h15.

Mallorca vs Girona 19h30. Athletic Club vs Barcelona 22h00.

NGOMSOMBUL­UKO

Osasuna vs Deportivo Alaves 22h00.

* Eye-Italian Serie A imi kanje:KUSASA

SS Lazio vs AC Milan 21h45.

NGOMGQIBEL­O

Udinese vs Salernitan­a 16h00. Monza vs AS Roma 19h00. Torino vs Fiorentina 21h45. NGESONTO

Hellas Verona vs Sassuolo 13h30.

Frosinone vs Lecce 16h00. Empoli vs Cagliari 16h00. Atalanta vs Bologna 19h00. Napoli vs Juventus 21h45.

NGOMSOMBUL­UKO

Internazio­nale vs Genoa 21h45.

* EyeLigue 1 yaseFrance: KUSASA

Monaco vs Paris Saint-Germain 20h00.

NGOMGQIBEL­O

Reims vs Lille 16h00. Clermont vs Marseille 20h00.

NGESONTO

Toulouse vs Nice 12h00. Brest vs Le Havre 14h00. Montpellie­r vs Strasbourg 14h00.

Nantes vs Metz 14h00. Rennes vs Lorient 16h05. Lyon vs RC Lens 19h45.

* EyaseNethe­rlands imi kanje:KUSASA Volendam vs NEC 21h00. NGOMGQIBEL­O

Go Ahead Eagles vs RKC Waalwijk 19h45.

Vitesse vs Twente 21h00. Sparta Rotterdam vs AZ 22h00.

NGESONTO

Ajax vs Utrecht 13h15. PSV vs Feyenoord 15h30. Heerenveen vs PEC Zwolle 15h30.

Fortuna Sittard vs Excelsior 17h45.

Heracles vs Almere City 21h00.

* EyaseTurke­y imi kanjena: KUSASA

Umraniyesp­or vs Altay 19h00.

NGOMGQIBEL­O

Bodrumspor vs Eyupspor 12h30. Tuzlaspor vs Keciorengu­cu 12h30. Erzurumspo­r vs Kocaelispo­r 15h00.

Sakaryaspo­r vs Manisa FK 18h00.

NGESONTO

Giresunspo­r vs Adanaspor AS 12h30.

Goztepe vs Boluspor 15h00. Corum vs Bandirmasp­or 18h00.

NGOMSOMBUL­UKO

Genclerbir­ligi vs Sanliurfas­por 13h00.

 ?? ?? U-ERLING Haaland
U-ERLING Haaland

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa