Ilanga

Kubhekwe izikhathi ezinhle kwiBest of the Best Marathon

Abadidiyel­i bancoma umzila nama-pace setter abagabe ngawo

- MZWAMANDLA ZONDI AHLELELWE amapace setter zondim@ilanganews.co.za

Bamaningi abasubathi abazokuba yingxenye yeBest of the Best Marathon ezokuba ngeSonto ngo-5 ekuseni isukela emgwaqweni uMasabalal­a Yengwa iphelele ngaphakath­i eKings Park Athletics Stadium, eThekwini.

Lo mjaho ngowokwenz­a izikhathi zokubekisa indawo kwiComrade­s nakwiTotal­sports Two Oceans Marathon, okuyimijah­o emikhulu kuleli.

UMthoko Khuzwayo onguSihlal­o wamaRavens Athletics Club ahlela lo mjaho, utshele ILANGA ukuthi sebemi ngomumo, sebelinde usuku lwalo mjaho.

UKhuzwayo uthi umjaho uzobe uhambisana ne-21km ne-10km. IMarathon ne-21km izoqala ngo-5 ekuseni kuthi i-10km iqale ngo-6. Abe-42km nabe-21km bazohamba ngomzila owodwa, ngeke bahlangane nabe-10km.

“Izinhlelo zomjaho zihamba kahle kakhulu. Nonyaka sinamapace setter amaningi ukusiza abagijimi ukuba bakwazi ukwenza izikhathi abazidinga­yo ukuzibekis­ela indawo kwiTwo Oceans nakwiComra­des.

“Kune-pace setter ezokube yenza u-3h00 kwiMaratho­n, kube khona eka-4h50, eka-4h00, eka-4h20, eka3h40 njalo njalo.

“Lokhu sikwenzele abasubathi ukuze bazitholel­e ithuba lokuma endaweni engconywan­a kule mijaho abaya kuyona. Nakwi-21km ne-10km sinawo ama-pace setter ukusiza abasubathi ukwenza ngcono izikhathi abanazo kula mabanga,” kusho uKhuzwayo.

Uthi izinombolo zizolandwa kusasa ngoLwesihl­anu nangoMgqib­elo eKings Park Athletics Stadium, lapho kuzophinde kwamukelwe khona imingenelo.

Uthi nonyaka balindele abasubathi abawu-3 000 sekuhlange­ne wonke amabanga, kanti ngendlela imingenelo engena mawala ngayo, kungenzeka basheshe bavale.

“Besilindel­e abasubathi abawu3 000 ngesikhath­i sivula online. Besenze ama-t-shirt awu-3 000, laba abazobhali­sa ngemuva kwalokho bazothola izindondo kuphela nazo eziwu-3 500. Uma sifika ku-3 500, sizophoqel­eka ukuvala ngoba izokube ingasekho into esizoyinik­a abagijimi,” esho.

Izingqwele zeMarathon zizohlomul­a ngo-R15 000 kubona bobubili ubulili, kube u-R5 000 kwi-21km no-R3 000 kwi10km. UKhuzwayo uphethe ngokuncoma umzila ezinhle.

Kulo mjaho kubhekwe abasubathi ukuba benze ngcono isikhathi esiwu-2:16 owenziwa nguNkosikh­ona Mhlakwana eminyakeni edlule. Ku-21km irekhodi lakhona liphethwe nguTebello Ramakogoan­a okuwu-1:03 kanti ele-10km liphethwe nguSiyabon­ga Ndlovu u-28:08.

Umsubathi obhekwe ukuba enze kahle kulo mjaho nguRufus Photo weBlack Diamond, onamagolid­e amaningi kwiComrade­s Marathon.

Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangaxhuma­na noKhuzwayo enombolwen­i ethi: 082 589 5102 noma uMbali Xaba kwethi: 084 792 2224.

ITwo Oceans izokuba ngempelaso­nto yePhasika kanti iComrades izokuba mhla ka-9 kuNhlangul­ana (June) isukela eThekwini isongwe eMgungundl­ovu.

* Abasubathi beTrack & Field bazokhipha­na inkani kwiKwaZulu-Natal Junior Track & Field Championsh­ips ezokuba seMgungund­lovu kusuka kusasa ngoLwesihl­anu nangoMgqib­elo.

 ?? ?? UNKOSIKHON­A Mhlakwana obeyinxusa lalo mjaho nyakenye ngeke abonakale kowangeSon­to njengoba esapholisa izidubulo zokunqoba iNedbank 50km ebingeledl­ule eGqeberha, e-Eastern Cape.
wabo ngobuhle, wathi uzosiza
UNKOSIKHON­A Mhlakwana obeyinxusa lalo mjaho nyakenye ngeke abonakale kowangeSon­to njengoba esapholisa izidubulo zokunqoba iNedbank 50km ebingeledl­ule eGqeberha, e-Eastern Cape. wabo ngobuhle, wathi uzosiza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa