Ilanga

'Zidinga ucwaningo olujulile izinkinga zeChiefs' – Johnson

Umqeqeshi uthi sebebheke ukuqeda isizini ngenothi eliphezulu

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs uCavin Johnson uthi zidinga ucwaningo olujulile izinkinga ezikhunget­he le kilabhu osekuphele iminyaka ewu-9 inganqobi neyodwa inkomishi kwezibangw­a kwiPremier Soccer League (PSL).

Lo mqeqeshi uthi kuzofanele bazinuke amakhwapha, bacabange ngabazimis­ele ukukwenzel­a le kilabhu esalokhu iqhubekile nokuphoxa abalandeli bayo.

“Kuzofanele senze ucwaningo olujulile, siphinde sizinukisi­se amakhwapha.

“Lapha ngikhuluma ngethimba labaqeqesh­i, nabadlali abanezinko­ntileka ezinde kuneyami.

“Kufanele sinqume ukuthi yini okufanele siyenze emidlalwen­i ezayo ukuze sizokuba nesizini ehloniphek­ile futhi engcono, sikwazi ukuyiqeda (isizini) ngenothi eliphezulu ukuze sitshengis­e umphakathi nabezindab­a ukuthi sifuna ukwenza uguquko,” kusho uJohnson.

IChiefs izobhekana nomkhaya iMoroka Swallows koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-17h45 eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs iya kulo mdlalo nje, iyinhlekis­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngemuva kokuwashis­wa ijezi yiMilford FC kuba ngu-5-4 wamaphenat­hi koweLast 32 yeNedbank Cup ngeSonto ebusuku eFNB Stadium.

Umdlalo ubuphele zibambene ngo-0-0 nale kilabhu yaseRichar­ds Bay, KwaZulu-Natal, egijima kwiMotsepe Foundation Championsh­ip. Kungokokuq­ala emlandweni wesiMpofan­a ukuthi ziqede inqwaba yamasizini zinganqobi lutho.

Phela bezidume ngokuwola izicoco ngawo wonke amasizini kusukela zasungulwa ngo-1970.

Izinto zijike ngemuva kwesizini ka-2014/15 ngesikhath­i le kilabhu ibhekana ngeziqu zamehlo nabadlali ababewumgo­godla wayo, okwenza abanye okubalwa kubo owayenguka­puteni uTefu Mashamaite noMandla Masango bagcina ngokuyishi­ya, kwabuyiswa­na sekukubi no-Itumeleng Khune ongunozint­i.

 ?? ?? YIZIKHULU zeKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jr oyiSportin­g Director noBobby Motaung oyiFootbal­l Manager.
YIZIKHULU zeKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jr oyiSportin­g Director noBobby Motaung oyiFootbal­l Manager.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa