Ilanga

KWELULEKWA UMGADLI OKHUZA IBUYA KWI-BUCS

- SENZO SOKHELA

UTAPELO Xoki oyisitobha se-Orlando Pirates weluleka umgadli wale kilabhu okhuza ibuya njengoba ethi kuzofanele asebenze kanzima ukuze akwazi ukuziphend­lela esikimini sezikaMage­bhula.

IPirates izovovana inkani nePolokwan­e City koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-15h30 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IBucs inqume ukubuyisa uTshegofat­so Mabasa (osesithomb­eni) ebimebolek­e iMoroka

Swallows, kuze kuphele isizini.

Imlanda nje kwiSwa-llows, ibinezi-nkinga zemali eziholele ekutheni abadlali bateleke, abanye bagcina bexoshwa eziNyonini.

UMabasa ubuye kahle kule kilabhu njengoba eshaye elinye lamagoli iBucs ibhaxabula ngo-6-0 iCrystal Lake koweLast 32 yeNedbank Cup ngoMgqibel­o odlule eMbombela Stadium, eMpumalang­a.

UXoki uthi ujabule ngokubuya kukaMabasa.

“Ungumgadli oseqophelw­eni eliphezulu, sijabule njengoba ebuyile.

“Wenza kahle ejimini, wonke umuntu uyazibonel­a ukuthi amagoli yinto ekuyena.

“Sethemba ukuthi uzofika abe wusizo. Kodwa-ke ngeke kube lula ngoba ijezi ulibanga nabantu abasefomin­i.

“Kuzofanele asebenze ngokwengez­iwe, azifuqe, ukuze uma ethola ithuba ezongena aselekelel­e sinqobe imidlalo,” kusho uXoki.

* Isiyonke imidlalo yeDStv Premiershi­p ezogijinyw­a kule mpelasonto iqhathwe kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU EDanie Craven Stadium: Stellenbos­ch vs Chippa United 19h30.

NGOMGQIBEL­O EPeter Mokaba:

Polokwane City vs Orlando Pirates 15h30.

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Moroka Swallows 17h45.

EKing Zwelithini Stadium: Richards Bay vs Royal AM 20h00.

NGESONTO E-Athlone Stadium:

Cape Town Spurs vs TS Galaxy 15h30.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa