USOLA IZIMBANGI NGAMACALA ENKOHLAKALO OWAYEYIMEYA
USOLA izimbangi ezingaphakathi eqenjini ngokumnyundela emuva kokuvuka kwecala elenzeka ngo2014, uMnu Bethuel Mthethwa (56),
owayeyimeya yaseJozini ngethikithi le-ANC.
UMthethwa ushaqwe ngamaphoyisa ophiko loKlebe ngeledlule. NgoLwesihlanu uvele eNkantolo yezamaCala ezeMali neNkohlakalo eThekwini. Udedelwe ngebheyili ka-R10 000.
UMthethwa usolwa ngokuba nesandla ecaleni lokukhwabanisa nenkohlakalo, okuvela ukuthi lo masipala wakhokha u-R5 ukhokhela inkampani ekubeni ingawenzanga umsebenzi.
Leyo nkampani yayikade inikwe ithenda yohlelo lokuthuthukisa intsha olwalubizwa ngokuthi iJoy Project.
UMthethwa okumanje uyilungu lesiShayamthethwa saKwaZuluNatal, futhi owayengusihlalo weANC ngaphansi kwesiFunda iNokuhamba Nyawo (uMkhanyakude), utshele leli phephandaba ukuthi kuyamkhathaza ukuvuka kwaleli cala ekubeni sekusondele izinsuku zokudedelwa kohlu lwamagama amalungu aleli qembu azolimela ePhalamende.
Ukuboshwa kwakhe kulandela ukuboshwa kukaMnu Lonwabo Maka (57) owayeyimenenja kulo mkhandlu noMnu Mandlenkosi
Matutu (43) ongumnikazi weNjabulo Landman Construction and Mining, okuvela ukuthi yakhokhelwa le mali ekubeni ingawenzanga umsebenzi.
Icala lenkohlakalo labikwa esiteshini samaphoyisa eJozini. Ladluliselwa ophikweni loKlebe, oluphenya amacala athinta inkohlakalo ngaphansi kwesiteshi esiseThekwini, okuyilona obelwenza uphenyo oluholele ekutheni kuboshwe abasolwa.
UMaka noMatutu bangaphandle ngebheyili yemali efanayo nekaMthethwa. Baboshwa ngoMandulo (September) ngo-2022.
Ekhuluma naleli phephandaba uMthethwa uthe kuyamkhathaza ukuthi avukelwe ngamacala ekubeni sekusondele izinsuku zokhetho.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi ngoLwesihlanu bengivele eNkantolo yaseThekwini ngoba kuthiwa ngiyanyaniswa nenkohlakalo. “Kuningi okukhulunywayo okungelona iqiniso ngenhloso yokudicilela phansi isithunzi sami.
“Kuningi okwenziwa ngabathile abangosopolitiki ngenhloso yokuhudulela phansi igama nesithunzi sami. Okungizwisa ubuhlungu wukuthi kuhlukunyezwa mina, kugcine sekuhlukumezeka nezingane zami okukhona ngisho nezineminyaka eyishumi ezikhonjwa ngezibhamu.
“Kulolu daba lwemali yaseJozini kuyacaca ukuthi kwenziwa ngoba nakhu sekusondele ukhetho,” esho.
UMthethwa uthe wethweswe icala lemali ewu-R100 000 afakelwa yona. Uthe ngeke akhulume kabanzi ngodaba olusenkantolo ngoba kuzokonakala uphenyo.
Okhulumela oKlebe KwaZuluNatal, uLt-Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe kulindeleke ukuba kuboshwe abanye abathinteka kuleli cala lenkohlakalo ka-R5
okuvela ukuthi kwakhokhelwa inkampani engawenzanga umsebenzi.
“Bonke abasolwa bazobuyela enkantolo ngomhla ka-30 kuNhlaba (May) kophezulu. Bonke laba bayanyaniswa nenkohlakalo yokukhokhelwa kwenkampani ingawenzanga umsebenzi. Bonke bangaphandle ngebheyili ka-R10 000 umuntu ngamunye,” kuphetha uMhlongo.