Ilanga

KUXOSHWE ISISEBENZI SAKWA-IEC NGOKUDALUL­A UHLU LWAMAGAMA

- INTATHELI YELANGA

INHLANGANO eyengamele ukhetho i-Independen­t Electoral Commission (IEC), ithi isikhombe indlela isisebenzi esisolwa ngokuputsh­uza uhlu lwabaphaka­nyiswe ukuthi bangenele ukhetho abangamalu­ngu e-ANC neqembu elisanda kusungulwa iMK Party, ngempelaso­nto.

Lesi sisebenzi siputshuze uhlu lwalezi zinhlangan­o okhethweni lukazwelon­ke nolwezifun­dazwe.

NgoLwesihl­anu olwedlule bekuwusuku lomnqamula­juqu obekumele amaqembu anikezele ngalo i-IEC, uhlu lwawo nobekuzobe sekuthi ngomhla ka-26 no-27 kwephezulu, kube yima le nhlangano ishicilela amagama alabo abakhethwe ngamaqembu abo.

NgoLwesihl­anu ebusuku uhlu lwala maqembu lwase lugcwele ezinkundle­ni zokuxhuman­a, okushiye abaholi bamaqembu amaningi bekhathaze­kile njengoba babethi lolu hlelo kufanele ngabe luqashwe ngeso lokhozi yile nhlangano.

I-CEO yakwa-IEC, uMnu Sy Mamabolo ithe lesi sisebenzi singene kwikhompyu­tha yomsebenzi singavumel­ekile, sathatha uhlu ohlwini obelukade lungakashi­cilelwa ngokusemth­ethweni yile nhlangano.

Ithe uphenyo lwangaphak­athi luthole ukuthi isisebenzi yisona esenze konke lokhu.

“Sikhathaze­ke kakhulu ngesigamek­o esenzekile, kodwa ukulusukum­ela phezulu kwethu kuyakhombi­sa ukuthi sizimisele ukwenza konke okusemandl­eni ethu ukuthi umsebenzi wethu wenzeka ngeqiniso nangokuthe­mbeka.

“Ukuthembek­a emsebenzin­i wethu ngenye yezinto esiziqheny­a kakhulu ngayo njengoba konke esikwenzay­o, kumele kube seqophelwe­ni eliphephez­ulu.

“Noma yikuphi okunye okuphamban­a nemibandel­a yethu yokusebenz­a, siyokusuku­mela ngokukhulu ukushesha,” kusho uMamabolo.

Uphinde waveza ukuthi nesisebenz­i sivumile ukuthi yisona esenze lesi sigameko.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa