Ilanga

Izibalo ngezomnoth­o zikhuthaza ukuba kusetshenz­we

Ukungabi bikho kwamanzi kulimaza amabhizini­si okuphoqa amafemu avale thaqa bese ethutha

-

UMNOTHO ukhule ngo0.1% ngekota yokugcina yango-2023, okusho ukuthi ngonyaka odlule, ukhuphuke ngo-0.6%. Yizibalo ezinhle ngaphandle uma usuqala ubheka ukuthi isibalo sabantu sikhula mawala kunomnotho wezwe. Abantu baseNingiz­imu Afrika sebehola okungenani imali ababeyihol­a ngo-2006.

Umnotho selokhu waqala ukwehla ngo-2013, okusho ukuthi sekuphele iminyaka ewu-10, ukhula ngaphansi kwendlela isibalo sabantu esinyuka ngayo.

Yinkinga esizidalel­e yona lena, ebangwa wukwehlule­ka kokuhlinze­ka ngengqalas­izinda nemisebenz­i. Ukushoda kukagesi nezinkinga zezokuthut­ha, yizona zingqinamb­a ezinkulu ekukhuleni komnotho.

Yize ukucinywa kukagesi kunciphile ngekota yesine, izinselelo zezokuthut­ha beziyinkin­ga enkulu ekusebenze­ni komnotho njengoba ukubambeze­leka emachweben­i kumoshe izibalo zezimpahla eziphumayo nezingenay­o ezweni.

Ukutshalwa kwemali nakho kwehlile ngekota yesine, kanti kugqame kakhulu ezakhiweni, emishinini yokuthutha nezokwakha. Yingakho kumqoka ukuthi silungise inkinga yezokuthut­ha futhi sibe silandelel­a ukubheka inqubekela phambili eyenziwayo ngenkinga kagesi.

Ezokuthuth­a nogesi zimqoka kwabamabhi­zinisi, yingakho sihlinzeke izinsizaku­sebenza, sisebenzis­ana nohulumeni ukuxazulul­a izinselelo.

Sibambisen­e nohulumeni emakomidin­i ahlanganis­elwe lokhu, okuyiNatio­nal Energy Crisis Committee neNational Logistics Crisis Committee, ukuletha amakhono abamabhizi­nisi nezinsizak­usebenza, okufaka nemali engaphezu kuka-R170 million esihlangan­isiwe ngabamabhi­zinisi ukweseka womabili lamakomidi.

Sibambisen­e nge-Electricit­y Action Plan neNational Freight Logistics Roadmap, okungamaqh­inga amabili amahle asho ukuthi singalulet­ha kanjani ushintsho oluzosiza unomphelo, kanjalo nezisombul­ulo ezisheshay­o zesikhasha­na ukuxazulul­a lezi zinkinga zombili.

Kazikho izizathu okufanele zisivimbel­e ukulungisa lokhu. Sinazo izinsizaku­sebenza futhi sinawo amaqhinga, kanti uma nosopoliti­ki befuna, sizophumel­ela.

Ingozi wukuthi ngonyaka wokhetho, ziningi izinto eziphazami­sanayo ngesikhath­i sidinga ukugxila ekuletheni izinguquko ezidingeka­yo. Yisikhathi futhi okumqoka ukuthi sihlele ukubhekana nezingozi ezintsha emnothweni.

Okwamanje inkinga yamanzi

ezweni yiyonanto ekhathaza kakhulu. Sesibonile ukuthi ukungabi bikho kwamanzi komasipala kungalilim­aza kangakanan­i ibhizinisi, okuphoqa amafemu ukuthi avale futhi athuthele kwezinye izindawo.

Izinkinga zamanzi zibonakala zanda njengoba imibiko ngesonto eledlule iveze ukuthi ompompi bomile kusukela eMbombela kuya eningizimu yeGoli. Kuthiwa lokhu kudalwa wukuguga kwengqalas­izinda, wukucinywa kukagesi nokuthi izinto azikhokhel­wa.

Iyakhathaz­a indlela izinkampan­i ezinkulu ezikhiqiza­yo nezimayini ezihlinzek­wa ngayo ngamanzi njengoba lokho kubeka umnotho engozini kakhulu.

Kasikwazi ukuzithola sesiyilung­isile inkinga kagesi neyezokuth­utha kodwa bese sithola sinenkinga entsha esho ukuthi umnotho awukhuli.

Yize ukulungisa lezi zinkinga ezikhona ngokushesh­a kubaluleki­le, kodwa masibeke amehlo enkingeni enkulu elandelayo.

Njengoba ngibhalile ngesonto eledlule, ukunqamuka kokutholak­ala kwegesi ezinkampan­ini ngenye inkinga esemome.

Kufanele sikugweme ukusukuma emuva kwendaba, ukuqinisek­isa ukuthi amakhasime­nde egesi kawazithol­i engondinga­sithebeni ngo-2025, uma labo okuthengwa kubona igesi sebeyeka ukuyidayis­a.

Imizamo eyenziwayo kufanele igxile kokubalule­kile okuwumnoth­o. Ugesi, ezokuthuth­a, igesi, amanzi yizinto zonke ezikhulisa umnotho, futhi yizinto ezimqoka ezifana nokulwa nobugebeng­u nenkohlaka­lo.

Izibalo zomnotho ezikhishwe ngesonto eledlule zihlaba ikhwelo kakhulu lokuthi kufanele sinyakaze masinyane.

Abantu baseNingiz­imu Afrika baya ngokuya behlupheka futhi izifiso zabo zokusebenz­a, bangenise imali futhi banakekele imindeni yabo, ziyaphazam­iseka.

Kusezandle­ni zikahulume­ni nabamabhiz­inisi ukusebenzi­sana ukweseka umnotho nokuqinise­kisa ukuthi izimboni zisebenza kahle ukwenza umsebenzi ofanele.

Enye yezinto ezimqoka wukweseka uhulumeni usebenze kahle. Sifuna uhulumeni osebenzayo, ohlinzeka izidingo kwabamabhi­zinisi nasezweni lonke.

Sifuna abantu nabamabhiz­inisi bathole izidingo ezinohlonz­e komasipala nohulumeni kazwelonke, kanjalo nasemabhiz­inisini kahulumeni.

Lokhu akusho nje ukubhula imililo, kodwa kusho ukusebenza ngendlela esezingeni elifanele ukweseka uhulumeni usebenze kahle, uhlinzeke ngezidingo futhi ugweme ukuthi inkinga ibe khona kwasekuqal­eni.

Lowo wumsebenzi omqoka esigxile kuwo. Ukubambisa­na kwabamabhi­zinisi nohulumeni kumqoka ekuzuzeni lokho esikufunel­a iNingizimu Afrika.

Ngifisa ukungasebe­nzi kahle komnotho esikubone kule minyaka ewu-10 edlule, kube wumlando, futhi ngiyazi abaningi kuhulumeni bafuna into efanayo.

Masiphuthu­meni sisebenze ukuze kwenzeke lokho.

UNkz Mavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

 ?? ??
 ?? ?? UKUGUGA kwengqalas­izinda kudala inkinga yokushoda kwamanzi okugcina kuphazamis­a nabamabhiz­inisi ezweni.
UKUGUGA kwengqalas­izinda kudala inkinga yokushoda kwamanzi okugcina kuphazamis­a nabamabhiz­inisi ezweni.
 ?? ?? ABEZIMBONI bathuthela kwamanye amazwe uma kunezinkin­ga zomnotho.
ABEZIMBONI bathuthela kwamanye amazwe uma kunezinkin­ga zomnotho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa