Lumqhatha nabantu uthando lwezinja
Babodwa athi bamsola ngokuthwala ngazo nokuthi ulala nazo, kodwa uthi akukho okuzomhlukanisa nazo
UKUBA nothando lwezinja sekumdalele amazinyo abushelelezi, uMnu Doctor Shabalala (44), waseVezubuhle eduze kwaseKarbo Cham, eNewcastle.
Uthi babodwa abamsola ngokuthwala ngazo, abanye bamthuka ngokulala nazo, kodwa uthi kayikho into ezomhlukanisa naBafana Bomlungu okuyigama okwaziwa ngalo izinja zakhe. UShabalala ushadelwe futhi unezingane eziyisihlanu.
Exoxa neLANGA uchaze uthando lwezinja njengento ayiqala kudala, eseyingane.
“Ekhaya kwakuze kuthiwe zizodla ukudla kwami, vele bengabelana nazo. Ngelinye ilanga ngambozwa wubhavu wensimbi ongasasebenzi nenja ngaphakathi.
“Yayilokhu ikhale njalo kwaze kwakhona osisizayo, wafika waphendula ubhavu - kusuka ngaleso sikhathi kangiphindanga ngehlukana nenja yami nakuba kwahamba isikhathi yafa,” esho.
UNGUMFUYI OGUNYAZIWE WEZINJA
UShabalala ungumfuyi ogunyaziwe wohlobo lwezinja ezibizwa ngama-boerboel, ezisegcekeni ziwu11, uma seziphelele zonke ziwu-22. Uthi ngesikhathi ekhula ubelokhu eba nazo izinja eziphiwa ngabelungu, wabe eseqala ezandisa wazakhela nendawo yazo. Uthi uqale ngo-2023 ukuba yi-boerboel breeder ngokusemthethweni.
“Ngesikhathi zilokhu zanda, abantu bebelokhu becela ukuba ngibanike noma ngibadayisele zona. Ngase ngihlangana noJabu Malika wangifaka ngaphansi kophiko lwakhe njengoba sengingumfuyi
ngokugcwele, ngisizwa nguye. Ngineminyaka eminingi ngifuye izinja,” esho.
Ngesikhathi ithimba leLANGA livakashele indawo okufuywe kuyona Abafana Bomlungu, lifuthwe ngekhemikhali ezicathulweni nasezandleni ngenhloso yokubulala amagciwane.
UShabalala yena ubesebenza ebaleni njengoba kwandiswa futhi kulungiswa indawo yokuhlala izinja. Uthi yikho konke lokhu
okwenza abantu bazibuze baziphendule ngempilo yakhe. “Abanye bathi ngihlezi nginezinja, kusho ukuthi kanginamfazi, kanginangane, kushukuthi ngilala nazo lezi zinja okuyinto engiphatha kabi. Kunabantu abanenqwaba yezinkomo kodwa kungashiwo lutho olubi. Okubuhlungu kakhulu ngigxekwa ngabebala lakithi,” esho.
Uthi abanye babuza ukuthi kungani lokhu kudla akupha izinja engakuniki abantu abahlwempu.
UKUDLA KWEZINJA
Echaza ngenyama ajwayele ukubonakala emakhasini akhe ezokuxhumana eyipha izinja, uthe hhayi ngoba ecebile kepha wubudlelwano anabo nabezitolo.
“Uma sekusondele isikhathi sokuthi inyama yedlulelwe yisikhathi noma yonakale, bayangifonela bangiphe, kangiyithengi.
“Lokhu okujwayelekile ezikudlayo ngizithengela ngemali yazo, engisuke ngidayise ngayo izinja, kokunye ngiyalishaya iphakethe lami kodwa kakujwayelekile. Uma sekukubi ngempela, ngiyacela nakumama wasekhaya, ngimtshele ukuthi izinja kazinakho ukudla bese eyangisiza,” esho.
IBHAJETHI YENYANGA
Uthi uyahlangana u-R5000 ngenyanga uma kuzaliswa inja okubalwa umjovo i-progesterone ebiza u-R1500, imali ewu-R12 000 yesperm, ukwenziwa kwe-xray ukubheka ukuthi ikhulelwe ngempela yini. Uma sebezelwe abadlwane bayiswa kudokotela wezilwane (vet), ukuze babhaliswe kwaSouth African Boerboel Breeders Association (SABBS) ngo-R200 bese kwenziwa nolibofuzo ngoR180.
Uchaza lolu hlobo lwezinja njengoluzithobile, oluvikelayo kodwa olunenkani futhi oludinga ukuqeqeshwa.
UKUZALISA IZINJA
Uthi kubalulekile ukuthi lapho uzalisa izinja kube wuhlobo olulodwa, ungahlanganisi umndeni owodwa.
“Kwesinye isikhathi abantu bathanda ukuhlanganisa izinhlobo ezithile zezinja, athi umuntu ufuna kuphume isibabuli senja, kepha lokho kuyingozi ngoba kaziziphathi ngendlela efanayo,” esho.
UMshengu uthi njengoba ebhalise ngaphansi kweSABBS, lokho kuza nomthetho wokuthi ngeke akwazi ukuthi azalise izinja zakhe nalezo ezingabhalisiwe kule nhlangano. Uma enze njalo abadlwane abayozalwa lapho ngeke akwazi ukubabhalisa ngaphansi kweSABBS.
Ukuba ngaphansi kwale nhlangano kusho ukuthi inja kumele ifinyelele emaphoyintini athile ukuze iqhubeke izalise - lokhu kubizwa nge-appraisal, lapho kusuke kubhekwa ukuthi inamazinyo ame ngendlela eyiyo, ngabe ibona kahle yini emehlweni nezinye izici. Kepha uma amaphoyinti eba ngaphansi, kusho ukuthi isingeyokufuywa ekhaya kuphela.
UKUVIKELA UKUNTSHONTSHWA KWENJA
Uthi kunento ebizwa nge-microchip efakwa enjeni evikela ukuthi ingantshontshwa.
“Uyifaka kudokotela wezilwane (vet) noma kwaSPCA ukwenzela ukuthi uma kukhona oyintshontshile uyithole kalula, kumele inja uyifake isenamasonto awu-8,” echaza.
Uthi inja ngayinye iba nesitifiketi sokuzalwa njengoba kwenzeka kumntwana, lapho idayiswa ihamba nesitifiketi sayo.
UMYALEZO KWABAFISA UKUFUYA
“Ungayifuyi into ongeke ukwazi ukuyinakekela, uma wenzenjalo kwawehlukile nowesilisa ozalisayo kepha angondli noma angahlawuli,” kusho uShabalala.
Uthi kulaba abake bakhale ngokuthi bayafuya kepha izinja zife, omunye aze acabange ukuthi ziyabulawa, kumele bagade isifo esibizwa nge-parvovirus, athi singacishe siqede iminyaka ewu-10 sihleli egcekeni.
Yingakho ethi isilwane kumele sigome sinamasonto awu-6, 8 kuya kwawu-12, nendawo ehlala kuso, kumele ihlanzeke futhi iphuze namanzi amasha nsuku zonke. Inja enaleyo nkinga ibonakala ngokuthi ingakuthandi ukudla, iphalaza, ihuda nokunye.
Uchaza inja njengesilwane esimnene futhi esimvikelayo umnikazi. Uthi inja iba yilokhu oyikho, uma unenhliziyo emnene nayo izoba njalo kepha uma iyimbi nayo izoba nodlame.