UMZUKULU KASHENGE UZOGIJIMA I-PRINCE MANGOSUTHU ULTRA MARATHON UKUBUNGAZA UYISEMKHULU
KUYINJABULO emndenini woMntwana waKwaPhindangene ukuqhubeka komjaho iPrince Mangosuthu Ultra Marathon owasungulwa eminyakeni edlule ukubungaza amagalelo alo mholi okhothame nyakenye.
Umjaho walo nyaka uzokuba ngomhla ka-5 kuNhlaba
(May) kanti kuwona kuzokhunjulwa nomsubathi weBiggarsberg Athletic Club – okuyiyo ehlela umjaho – uZwelihle Duma owaba nenkinga esemzileni kulo mjaho, wagcina edlulile emhlabeni.
Umjaho walo nyaka uzosukela eDundee usongwe eNquthu, okuyibanga eliwu-52km. Uzokube uhambisana ne-21.1km, i-10km ne-5km. Lo mjaho ngomunye wethandwa kakhulu ngabagijimi baKwaZuluNatal ukwenza izikhathi zokubamba iqhaza kwiComrades Marathon ezokuba ngomhla ka-9 kuNhlangulana (June) isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu.
Usuku lokugcina lokuthumela izikhathi namalayisensi alo nyaka kwiComrades wuMsombuluko womhla ka-6 kuNhlaba. USiyabonga Ngobese, weBiggarsberg, uthi konke sekumi ngomumo ngomjaho walo nyaka. Uthi sebeqalile ukwemukela imingenelo. Uthi abasubathi abafuna ukubamba iqhaza kulo mjaho bangaya ezitolo zakwaPick ‘n Pay lapho bezothola khona imininingwane ngawo. “Sijabule ngokuthi lo mjaho wokuhlonipha uMntwana waKwaPhindangene uzoqhubeka, yize engasekho.
“Ngibonga uMasipala uMzinyathi ngokugcina isethembiso sawo sokuhlonipha uShenge,” kusho uNgobese.
Umjaho walo nyaka wethulwe ngokusemthethweni ngoMsombuluko emcimbini obuhanjelwe nguMntwana uZuzifa Buthelezi, oyindodana kaShenge, ngamazinyane kaMdlokombane nemeya yaseMsinga, eyaseDundee neyaseNquthu.
Lezi zimeya zithe ziyawuthakasela lo mjaho, futhi zizonxenxa intsha eyakhele omasipala bazo ukuba ibambe iqhaza kuwona, kwazise ebangeni lika-5km kwemukelwa wonke umuntu.
UMntwana uZuzifa uthe ujabule kakhulu ukuthi lo mjaho uyaqhubeka, yize engasekho uyise.
Uthe umzukulu kaShenge, uZakithi Buthelezi, osegijime imijaho eminingi okubalwa kuyo iComrades, iTotalsports Two Oceans neminye, uzoba yingxenye yalo mjaho ukuzohlonipha uyisemkhulu wakhe.
IMeya yaseMzinyathi uPetros Ngubane ithe: “Sibeke imali elinganiselwa ku-R750 000 yemiklomelo.
“Izingqwele ze-52km zizogoduka no-R100 000 kuthi eze-21.1km zizuze u-R50 000, okuwumklomelo okuthiwa yiwona omkhulu kuleli banga esifundazweni. Abe-10km bazothola u-R5 000.”
Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www. webtickets.co.za noma bathinte uNgobese kwethi: 083 377 8959.