Ilanga

Unqunywe umlomo ngekusasa oweDowns ogaqelwe ngeyaseFra­nce

UTebogo Mokoena uthi bafuna ukuzishane­la izicoco abasasele kuzona

- SENZO SOKHELA STADIUM

UNQUNYWE umlomo ngodaba oluthinta ikusasa lakhe uTeboho Mokoena (osesithomb­eni) ongumdlali weMamelodi Sundowns ovutha engabaselw­e kulezi zinsuku.

IDowns ibambane neSuperSpo­rt United ngo-1-1 koweDStv Premiershi­p ngoLwesibi­li ebusuku eLoftus Stadium, ePitoli. UMokoena - oqokwe njengomdla­li ovelele - nguyena ovule inkundla ngenguzung­a yegoli ayishaye engaphandl­e kwebhokisi.

Nokho igoli lakhe elihle licinywe ngelikaBra­dley Grobler abadlale naye iminyaka kwiSuperSp­ort.

Lo mdlali ebuzwa emuva komdlalo ukuthi njengoba izinga lakhe selenyuke kakhulu kunakuqala emuva kokuba ebuye kwiAfcon, ngabe usekulunge­le yini ukushiya iDowns alibhekise e-Europe njengoba kunekilabh­u yaseFrance emfunayo, uthe: “Kangivumel­ekile ukukhuluma ngalolu daba okwamanje, nakimina into esekhanda wukusiza iSundowns izuze lokhu ekuhlosile ngale sizini. Sisalelwe yiligi, yiChampion­s League neNedbank

Cup.

“Yonke le miqhudelwa­no sifuna ukuyinqoba. Kodwa-ke sibheke umdlalo ngamunye. Umdlalo wethu neSuperSpo­rt ubunzima. Ngabe ngenza iphutha uma ngingase ngingayibo­ngi ngoba ngilana engikhona nje kungenxa yayo (iSuperSpor­t).

“Iyohlezi isenhliziy­weni yami. Kodwa-ke njengoba bengishilo into ehamba phambili kimina njengamanj­e yiSundowns.”

* Kungena eleChampio­ns League nje, iSundowns iqhathwe neYoung Africans yaseTanzan­ia kuma-quarter final azokuba ngempelaso­nto yePhasika kuthi imidlalo yomlenze wesibili ibe ngempelaso­nto yokuqala kaMbasa (April).

La makilabhu aqhathwe kanje, esekuqalen­i izowudlale­la ekhaya umlenze wokuqala:

Esperance vs ASEC Mimosas; Simba SC vs Al Ahly; TP Mazembe vs Petro de Luanda; Young Africans vs Mamelodi Sundowns.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa