UNtuli uthembise okungcono eKZN
Uthi kumqoka ukuthi kufakwe uhulumeni ozobhekana ngqo nomonakalo esifundazweni
UNOBHALAJikelele kuzwelonke wophiko lwabantu abasha kwi-IFP, uMnu Mlungisi Mabaso, unxuse iqembu lakhe KwaZulu-Natal, ukuba lingavumeli i-ANC iyidonsele odakeni, ngoba inhloso yale nhlangano ukudidisa umkhankaso waleli qembu obukeka uqhubeka kahle.
UMabaso usho lokho ngaphambi kokwethula uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, oqokwe yileli qembu ukuba abe ngundunankulu uma liphumelele okhekhweni oluzoba ngomhla ka 29 kuNhlaba (May).
I-IFP beyiqhuba umkhankaso wayo eBruntville, eMooi River, lapho uMabaso ethe i-IFP, mayingavumeli ukuthi iqembu elibusayo liyidicilele phansi ngokuyimatanisa nezindaba ezingahlangene nayo.
Ubekhuluma ngesigameko esenzeke kwaCeza, lapho bekukhunjulwa khona iSilo uDinizulu, lapho uMnu Siboniso Duma, onguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, ehlwithe umbhobho kuMfu Thulasizwe Buthelezi, esakhuluma.
“Ngiyanicela ukuthi njengesigungu esiphezulu esifundazweni, ningabe nisakuvumela lokhu okuzanywa yi-ANC, mkhulu kakhulu umsebenzi osewenziwe manje, bazama ukusibuyisela emuva,” esho.
Uqhube wathi uNtuli uqokwe yileli qembu ukuba alimele kwesikandunankulu ngenxa yemisebenzi yakhe emihle alokhu eyenza, lapho ebekwe khona nokukhombisayo ukuthi izimfundiso zeNkosi uMangosuthu Buthelezi, zisahleli kuye.
“UNtuli ubeyimeya eNkandla, sawabona amagalelo akhe, washiye leya ndawo ithuthukile, sekukhona nesikhungo semfundo ephakeme. KuMasipala ayimeya kuwo manje iKing Cetshwayo, uyabonakala umsebenzi awenzayo nakhona. UnguSihlalo kwaSalga, nakhona lapho amagalelo akhe ayabonakala,” kusho yena.
UNtuli uthembise abantu baseMooi River ukuthi bazophuma enhluphekweni yeminyaka uma i-IFP ingena emandleni, iphathe isifundazwe.
“Le ndawo ivundile kakhulu, kodwa abantu bakithi kabanayo indawo yokutshala. Kungani kunomhlaba ongaka onamapulazi kodwa abantu bakithi bengenazo izindawo abangatshala kuzona?” kubuza uNtuli.
Uphinde wakhuza abantu bakule ndawo ukuthi bayeke ‘ukuvumela otsotsi ukuba balokhu bedlala ngabo’.
“Phela kumele nibone noma senibanjwa inkunzi ngisho kuthiwa isigebengu sesifika sigqoke esinye
isikibha,” kusho yena.
Uthe ondunankulu be-IFP abebekhona phambilini okuhlanganisa noMntwana waKwaPhindangene, asabonakala namanje amagalelo abawenza emiphakathini.
“Sasingenabo abantu abaningi kangaka abasha abebengasebenzi, futhi singenabo abantu abaningi kangaka elishona bengazi ukuthi bazodlani. Kubalulekile ukuthi sifake uhulumeni ozobhekana ngqo nomonakalo okhona esifundazweni,” kusho yena.
Abebehambele lo mkhankaso bazwakale bevumela phezulu uma ekhuluma ngokucishwa kukagesi nokungabikhona kwamanzi.
UMnu Mlungisi Bhengu oyisakhamuzi
khona eBruntville, uthe iwadi abahleli kuyo ngeye-ANC kodwa unethemba lokuthi okushiwo nguNtuli kuyofezeka uma sekudlule ukhetho.
“Ngiyithandile inkulumo yakhe uma ethi kubalulekile ukuthuthukiswa kwamadolobha amancane anjengaleli lethu iMooi River.
Nesithembiso sakhe sokuthi bazobuyisela izitolo ezingamatuckshop kubantu baseNingizimu Afrika ngikuthandile ngoba izitolo ezindaweni zethu kazisekho manje ezandleni zethu,” kuphetha uBhengu.