Ilanga

Yiba muhle ngemibala ezothile kulobu busika

Izindlela zokugqoka imfashini engenisile

- THANDI ZONDI

ISAZI kwezemfash­ini, uMamsie Mkhwanazi, we-Afroliciou­s Designs, uthi imibala ezothile (earth tones) ibuye ngegiya eliphezulu kulobu busika bakulo nyaka. Uchaza le mibala njengelula ukuyigqoka futhi ongayigqok­ela noma yini, ngenxa yokuzotha kwayo. Kule mibala sibala u-nude, u-rich maroon, u-black, u-brown, u-navy blue no-grey.

UMamsie uthi ewodilobhi­ni yakho kufanele ube nezinto okwazi ukuzigqoka noma kunini

(everyday essentials). Lezi zinto kungaba:

– yibhulukwe okwaziyo ukuligqoka ebusuku noma emini;

– yijakhethi enombala o-nude, kungaba yindwangu ye-denim noma i-pleather;

– kungaba isicathulo esi-nude; – kungaba yijezi noma i-turtle

neck.

“Ama-trench coat amade asesitayel­eni, amabhulukw­e avulekile (oversized pants) no-poloneck abameshayo nakho kungenisil­e,” kusho uMamsie.

Kanti ezicathulw­eni ama-boot amade afika emadolweni nawo ameshelana nokugqokil­e abuyile.

Kwabasemah­hovisi uMamsie uthi ama-boots agcina emaqakalen­i nama-sneakers yikhona okungenisi­le.

“Isitayela sokubeka ijezi ehlombe esijwayele ukusibona ikakhulu kubadlali begalofu, naso singenisil­e.

“Kodwa-ke umehluko wukuthi selibekwa ikakhulu phezu kwe-coat,” kuchaza yena.

Ama-gloves nama-beret, namasudi (power suits) nawo akhuze ibuya.

Uthi okubalulek­ile ekugqokeni lolu hlobo lwemibala wukuthi kumele okugqamile ukugqoke nokungagqa­mile kakhulu.

Ukushintsh­a kwesikhath­i sonyaka kasisho ukuthi thenga okokugqoka okusha, kepha ungakusebe­nzisa okudala futhi wonge ngokutheng­a osekuke kwagqokwa (amasekeni).

Abanye bathi kukwadunus­a, nokho ngenxa yezinkundl­a zokuxhuman­a nasemakhas­ini afana neInstagra­m, usuyakwazi nokuthenga khona.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa