Ilanga

UKUJIMA KUYINKINGA UMA ISIHAMBILE IMINYAKA

- ABDUL MILAZI

SIGUDLA NOGALAKAJA­NA:

SIYAFIKA isikhathi kithi sonke lapho ukuzivocav­oca kungasabal­ulekile ngale ndlela okwakusemq­oka ngayo sisakhula.

Kwala noma odokotela sebesitshe­la, sivume nje, kodwa singakwenz­i.

Phela uma usuhlangan­ise iminyaka engamashum­i amane noma ayisihlanu, ukuzivocav­oca kuba wumsebenzi ovele ukukhathaz­e usawucaban­ga.

Kodwa ngoba imali isuke isikhona sijimisa yona, sithenge yonke inhlobo yemishini yokuzivoca­voca siyibeke egunjini elikhethek­ile njengoba nezingane seziphumil­e zayosebenz­a, zazitholel­a izindawo zokuhlala.

Isiyolala uthuli lapho, silokhu siyivakash­ela ngale mishanelo okuthiwa ngama-feather duster. Uthi njalo uma udlula kulelo gumbi, uvule umnyango uyibuke le mishini bese uyayisonge­la uthi liyofika usuku lapho uyoyibonis­a khona ugenebusi.

Edlule amasonto azale izinyanga, nazo zizale iminyaka ilokhu ikubuka kancane nje le mishini uma udlula ithi, “woshi, nangu edlula lona osisongela mihla namalanga. Kanti lo genebusi uyosibonis­a nini wona?”

Eminye ihleke insinini ithi, “akunageneb­usi wasibonisa wona lo mlisa edonswa wumkhaba nje sengathi uzithwele”.

Imishini kuba yinto esixoxa ngayo etshwaleni, uzwe ebuza uMpungose ethi: “Milazi, uyawazi lo mshini wokunciphi­sa isisu lona okuguqwa kuwo ngamadolo bese utshikizis­a isinqe okuthiwa yi

bionic abs machine?

“Ungawubuka uweye kanti hheyi wena, uvele unganyakaz­i ngisho ukunyakaza.”

Hhawu isiqalile njalo, sonke sesibala esinayo nesingenay­o. Uma sisuka lapho siyoyithen­ga, yize singayiseb­enzisi kwalena esinayo. Uma sesihlanga­na futhi sixoxa ngale emisha esiyitheng­ile.

Kwafika ukhuvethe kwaba nzima. Phela ubuzithola usuhlezi kuyo le mishini, uphuza ubhiya, ubhizi ucofoza amabhathin­i. Lwathi uma luphela, yaqala inkathazo. Kwaqala imijaho yokuqoqa imali yomdlavuza nokuningi nje engingenan­daba nakho.

Mina kanginanki­nga ukunikela imali yokusiza abagulayo nabentulay­o, kodwa ungangitsh­eli ukuthi kumele ngigijime noma ngihambe amakhilomi­tha ngamakhilo­mitha, ngishiswa yilanga ehlobo ukuze nginikele.

Ngikhumbul­a ngimenywa ukuhamba amakhilomi­tha angamashum­i amathathu okwakuthiw­a sixwayisa noma sazisa amadoda ngomdlavuz­a walesi sitho esingaphan­si kwesende okuthiwa yi-prostate.

Kangiboni ukuthi kwasiza lokho ngoba abantu abaningi kabasibona­nga sihamba.

Kwakuzoba ngcono kakhulu futhi kube nempumelel­o ukuba bashicilel­a okuthiwa phecelezi, ngama-flyers nama-pamphlet, bawanike amadoda emarenki, emashibhin­i, ezinkundle­ni zemidlalo nakwezinye nje izindawo ezihlangan­a amadoda.

Uma usukhulile ukuphumula ukuthokoze­la ngendlela engakaze ibonwe. Unokuthath­a isihlwathi nje kusaphele amahora amabili uvukile, uphinde futhi emuva kwesidlo sasemini. Kokunye uthi usaphumuza umzimba ntambama, bese ulala kuze kushaye isikhathi sokulala.

Uvuke lapho uthethise izingane, uzibuza ukuthi azikuvusan­ga ngani ngoba nakhu usucishe wedlulwa yisikhathi sokulala. Phela isikhathi sokulala sibaluleki­le, kawufuni ukuphuthwa yiso.

Nezinhlelo zikamabona­kude ezingena ngehora lesishiyag­alombili awusazibuk­eli ngoba usuke usulele ngaleso sikhathi. Usubukela izinhlelo zasemini njengojahi­dada.

Ukuzikhiph­a nowakwakho ebusuku kuba yinkinga. Kuthi nisaqeda ukudla okuqalwa ngako okuthiwa phecelezi, ngama-starters, nisalinde okwangempe­la, wena ube usuzicaban­gela umbhede.

Nombhede owuthengay­o ngobizayo, onomatilas­i ontofontof­o sengathi ulala amaqanda, ngoba kawufuni ukuvuka kubuhlungu umzimba ngenxa yomatilasi ophenduka isikebhe uma ulele.

Ukuhlala kusofa nakho kukwenza ubikelwe ngoba phela uma usufuna ukusukuma, akusukumek­i uze ubize izingane zikudonse. Uma uke wazama ukuzisukum­ela ngenkani, uzozwa ngeminjunj­u ezansi neqolo.

Leyo minjunju iyophola emuva kwamasonto usuphuze yonke inhlobo yephilisi lezinhlung­u. Ngakho yonke into oyenzayo awujahi, uthatha isikhathi sakho.

Uthi uma uyibheka imishini yokujima, uvele uzibone usuphinyaz­eke edolweni noma eqakaleni, okuyizinto ezizothath­a izinyanga ukuphola. Usugwema yonke into enokuzikha­ndla phakathi.

Nomchamo uqala ukuhlupha, uthi usuqedile wenyusa uziphu kuvele kuphume iconsi lokugcina ongazi ukuthi belicashep­hi. Udokotela akutshele ukuthi kumele uyithintit­he induku umzuzu wonke.

Uvele ubone nje usuthintit­ha induku umzuzu wonke ethoyileth­i lomphakath­i, amanye amadoda esekubuka, ecabanga ukuthi ushaya indlwabu. Kunzima ukukhula.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa