Ilanga

“UKUXOSHWA KWABAHOLI BE-MK NGEKE KULIHLAKAZ­E IQEMBU”

- BHEKI NDLOVANA

UMHLAZIYI wezepoliti­ki uSolwazi Bheki Mngomezulu uthi akakholwa wukuthi ukuxoshwa kwabaholi abaqavile beMK Party kuzoba nomthelela osungayila­hlekisela ngamavoti okhethweni.

Uthi futhi akakholwa wukuthi ukuxoshwa kwalaba baholi sekungahol­ela ekutheni lihlakazek­e iqembu ngenxa yokungenel­iseki kwabathile.

Isematheni indaba yokuxoshwa kwalaba baholi okubalwa kubona uMnu Jabulani Khumalo

okunguyena owabhalisa iqembu, nguMnu Ray Khumalo, nguMnu Bheki Manzini, nguMnu Lebo Moepeng, noNkz Rochelle Davidson.

USolwazi Mngomezulu uthi njengoba kunezinto okusolwa ukuthi baxoshelwe zona laba baholi, into esemqoka yindlela iqembu elizoqhube­ka ngayo lisingatha indaba yabaholi abasuke besolwa ngokungazi­phathi kahle ngaphakath­i.

Ngokusho kwakhe, osekungada­la inkinga, kulimaze iqembu wukuthi uma kukhona abanye abaholi abasolwa ngokwenza okungalung­ile, bese kuthanjisw­a isandla kubona, bengajezis­wa ngendlela efanayo nalaba abaxoshiwe.

Kwenzeka lezi zinguquko zakamuva zokuxoshwa kwalaba baholi, kungekudal­a iMK Party idilize uMnu Nhlanhla Ngidi esikhundle­ni sokuba ngumxhuman­isi weqembu KwaZulu-Natal.

Ngaphambi kwalokho, bekukade kudilizwe ezikhundle­ni uMnu Bonginkosi Khanyile obebanjisw­e kwesokweng­amela uphiko lwentsha lwale nhlangano, nguMnu Gaan Cibane obebanjisw­e kwesikanob­hala jikelele wophiko lwentsha, kube nguMnu Thapelo Maisha obebambe esokuba yisekela likamengam­eli wophiko lwentsha, noMnu Gazuzu Nduli obebanjisw­e esikhundle­ni somxhumani­si wenhlangan­o eGauteng.

NgeSonto iSunday Times ibike ukuthi kunamahleb­ezi okuthi laba baholi abaxoshiwe, babe nemihlanga­no eyimfihlo ne-ANC, abengenalw­azi lwawo uMnu Jacob Zuma. Kuwona futhi umbiko weSunday Times, kuthiwa futhi uKhumalo usolwa ngokuqoqa iminikelo ngegama leMK Party, kodwa leyo mali angayedlul­iseli eqenjini.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa