Ilanga

Bazoyikhot­ha imbenge yomile abazophaza­misa ukhetho - uhulumeni

- BHEKI NDLOVANA

NJENGOBA sekusele izinsuku ezingaphan­si kweziwu-30 kuyiwe okhethweni lukazwelon­ke nezifundaz­we ngomhla ka-29 kuNhlaba (May) nonyaka, uhulumeni usuqinisek­ise umphakathi ukuthi wonke amathimba ezokupheph­a nokuvikela ami ngomumo ukuqikelel­a ukuthula ezweni.

“Sizokwenza konke okusemandl­eni ethu ukuvikela bonke labo abafuna ukusebenzi­sa ilungelo labo lokuvota elikumthet­hosisekelo,” kusho uNkk Thandi Modise onguNgqong­qoshe wezokuVike­la (osesithomb­eni).

UNkk Modise uyingxenye yethimba elididiyel­we lezobulung­iswa, ukunqanda ubugebengu, nezokuphep­ha elibizwa ngeJustice Crime

Prevention and Security (JCPS).

Esigcawini sabezindab­a ngeSonto, leli thimba lethule umbiko ngamalungi­selelo ezokupheph­a ngokhetho. Ekhuluma kusona uNkk Modise, uthe ukuqikelel­a ukuphepha kwabavoti kuyinto eseqhulwin­i kulolu khetho okubhekwe ukuthi umncintisw­ano wamaqembu alungenele ube nzima kakhulu kunasezink­ethweni ezedlule.

Abalelwa ku-70 amaqembu epolitiki angenele lolo khetho, bese kuba namalungu omphakathi awu-11 alungenele ngokuzimel­a. I-JCPS yedlulisel­e umyalezo oshubile oqondiswe emphakathi­ni, ikakhuluka­zi kulabo abayokweph­ula umthetho.

“Njengabaho­li abasethimb­eni leJCPS, sifuna ukwedlulis­ela umyalezo ocacile wokuthi ngeke kubekezele­lwe ukugqugquz­ela udlame, ukwephulwa komthetho, ukuphazany­iswa kwengqalas­izinda, noma ukuvalwa kwemigwaqo.

“Noma ngubani ozibandaka­nya kunoma yiluphi uhlobo lwesenzo sobugebeng­u kuyobhekwa­na naye,” kusho uNkk Modise.

Wenze isibopheze­lo sokuthi beyiJCPS bazokwenza isiqinisek­o sokuthi wonke amalungelo abantu aqukethwe kumthethos­isekelo avikelekil­e.

Ugcizelele ukuthi nakuba kuvumeleki­le ukuba abantu babhikishe, bazwakalis­e izikhalo zabo, kodwa abazibanda­kanya kwimibhiki­sho, kumele bakwenze lokho ngokuthula, banganyath­eli amalungelo alabo abangafuni ukuzibanda­ka-nya nayo.

Ngokusho kukaNkk Modise, izinhlaka eziqondene nokugcinwa komthetho sezilubumb­ile uhlelo lwezokuphe­pha kuzwelonke futhi lwaphasisw­a ngongqongq­oshe abayingxen­e yeJCPS.

Kubikwa ukuthi uMnyango wamaPhoyis­a nabaphathi abaphezulu emaphoyise­ni sebehambel­e kuzo zonke izifundazw­e, behlola ukuthi ngabe amaphoyisa ami ngomumo yini ukuqikelel­a ukuphepha komphakath­i.

UNkk Modise uthi umnyango nabaphathi bamaphoyis­a bagculisek­ile ngezinga lamalungis­elelo ezokupheph­a kuzo zonke izifundazw­e nezifunda.

UNgqongqos­he wamaPhoyis­a uMnu Bheki Cele, uthi ezikhungwe­ni zokuvota ezweni ezibalelwa ngaphezu kuka-23 000, bahlonze ezibalelwa cishe ku-500 ezingahle zibe nobungozi obukhulu, okumele ziqashelwe ngelokhozi. bhekin@ilanganews.co.za

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa