Ilanga

I-IFP YETHULE IBHASI UKUQINISA UMKHANKASO WAYO

- LUCKY CAIN

LIZOZUNGEZ­A wonke amagumbi amane esifundazw­e ibhasi lomkhankas­o we-IFP elethulwe ngokusemth­ethweni emphakathi­ni ngoMgqibel­o.

Leli bhasi elinezikhu­thazi zokuvotela leli qembu, lethulwe ngosuku lwenkulule­ko njengoba liwuqalile umsebenzi walo ngawo uMgqibelo, lizungeze enkabeni yeTheku ladlulela eMlazi ngaphambi kokuba liyoyivala eFolweni lapho leli qembu beligubha khona usuku lwenkulule­ko.

UMengameli we-IFP uMnu Velenkosin­i Hlabisa, uthe ukuba khona kwaleli bhasi, lizobe lihamba emphakathi­ni liyoqinisa umkhankaso wabo njengoba bese beqalile ngokwethul­a indiza enophephel­a emhlane, nayo esiqalile ukubangisa abantu umsindo.

UHlabisa uthe kumele abantu baliqaphel­e leli bhasi, lizobe lihamba phakathi kwabo. Uthe ngenxa yokuqinisa umkhankaso wabo, sekuphoqel­eke ukuba bashintshe imihlangan­o yeqembu abavamise ukuyibamba ngoMsombul­uko yaba ngeSonto ebusuku.

UHlabisa uthi kulolu khetho ngeke bagxile KwaZulu-Natal kuphela emikhankas­weni yabo, bazimisele ukuthi i-IFP imeleleke kuzona zonke izifundazw­e. Ukusho lokhu ebalula ukuthi basazoya eMpumalang­a.

Useke waya naseFree State nalapho leli qembu elizimisel­e ukukhula khona kulolu khetho.

Uthe ukusabalal­a nakwezinye izifundazw­e kudalwe yizicelo zabantu abebelokhu bekhala ngokuthi bayayithan­da i-IFP, kodwa kabayiboni ezifundazw­eni abahlala kuzona.

Kulo mkhankaso bekukhona noMnu Thami Ntuli okunguyena leli qembu elifolosa ngaye esikhundle­ni sokuba ngundunank­ulu wesifundaz­we njengoba kuza ukhento lwangomhla ka-29 kuNhlaba (May).

UMnu Narend Singh onguMgcini­mafa waleli qembu, uphawule ngesikhalo esenziwe yiNFP emasontwen­i amabili adlule lapho leli qembu lasola i-IFP ngokuphaza­misa umcimbi walo ngokundiza kwebhanoyi elinopheph­ela emhlane.

Le ndiza enefulegi elinobuso bomsunguli we-IFP, iNkosi uMangosuth­u Buthelezi noHlabisa, yadlula ngaphezulu kwalapho kwakunomci­mbi weNFP khona okuyinto eyasusa umsindo.

USingh uthe kuyamangaz­a ukukhala kwaleli qembu ekubeni lazi kahle ukuthi indiza enophephel­a emhlane kayimane isuke izihambele, kodwa kunemigudu eyenziwa izinsuku ngaphambi kokuthi indize, kwaqondana ukuthi ngalolu suku nayo le ndiza yayijutshw­e esifundeni iZululand.

Uthe kule mpelasonto ibijutshwe eThekwini namaphethe­lo, ngakho uma kukhona iqembu elizobe likhankasa, kuzobe kungeyona inhloso yabo ukuthi liphazamis­eke.

 ?? ??
 ?? ?? UMENGAMELI we-IFP uMnu Velenkosin­i Hlabisa noSihlalo wayo uMnu Thami Ntuli. Kwesokudla yibhasi okuzokhank­aswa ngalo.
UMENGAMELI we-IFP uMnu Velenkosin­i Hlabisa noSihlalo wayo uMnu Thami Ntuli. Kwesokudla yibhasi okuzokhank­aswa ngalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa