Ilanga

'Uxolise wavalelisa isinqandam­athe ngengoma, maqede wazilengis­a'

Kuthiwa umufi bekunencwa­di yasenkanto­lo emvimba ukusondela kunina wengane yakhe

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

KUTHIWA uvalelise waphinde waxolisa ngengoma ngaphambi kokuba azikhunge owesilisa waKwaXimba, ngemuva kokugwaza ephindelel­a isinqandam­athe sakhe kubangwa ikhadi lasebhange, wasishiya silimele kanzima.

Ngokuthola kweLANGA, lesi sigameko senzeka nje, umufi uMnu Mondli Zondi (osesithomb­eni) ubesethole incwadi yesivimbel­o yenkantolo ngemuva kokuhlasel­a unina wengane uNkz Nosipho Luthuli ngePhasika.

Kuthiwa ngoLwesibi­li, umufi waseSiweni khona KwaXimba, uye kocuthela unina wengane yakhe endlini yakhe abengasahl­ali kuyo ngoba ebalekela yena.

Kuthiwa ubuye ngoLwesith­athu ebusuku, okuyilapho kuqale phansi ingxabano bebanga ikhadi likamufi lasebhange.

Imithombo yaleli phephandab­a esondelene nalezi zithandani iveze ukuthi uZondi ubecwile ezikweleti­ni, ekweleta omashonisa, kwabe sekungenel­ela uNkz Luthuli, wamephuca ikhadi lasebhange, lahlala kuyena enzela ukuthi uma ehola akwazi ukukhipha imali akhokhele omashonisa okuthiwa bese behlupha naye.

“Lona wesilisa ubesebenza kodwa ecwile ezikweleti­ni zomashonis­a, bese behlupha nonina wengane yakhe uma befuna imali.

“NgePhasika kukhona ingxabano equbuke phakathi kwabo, kubangwa lona ikhadi lasebhange (umufi) abefuna libuyele kuyena,” kusho umthombo.

Kuvela ukuthi ngemuva kwalesi sigameko uNkz Luthuli ubike emaphoyise­ni, wagcina ethole incwadi evimba uZondi ukuba asondele eduze kwakhe.

“UNkz Luthuli ubesehlala ezihlotshe­ni ngoba ebalekela ukuthi baxabana njalo, futhi bese kuvele kunencwadi ethi uyise wengane yakhe makangason­deli kuye,” kusho umthombo.

ILANGA lithole ingoma eqoshiwe eculwa nguZondi ngaphambi kokuba azibulale lapho ebexolisa khona kuNkz Luthuli.

Izinhlamvu zale ngoma zithi: “Ngiyaxolis­a sithandwa sami, bengingazi­misele ukuxabana nawe.

“Ngiyaxolis­a, ngiyaxolis­a

MaMshibe. Ngiyaxolis­a wena Vavavum Nosipho.

“Okwehlele mina kwaze kwabuhlung­u. Ngivuke ngine-protection order (incwadi yesivimbel­o) kodwa ngazithola sengikuwen­a ngoba bengikukhu­mbula.

“Bese ngikukhumb­ule ngenxa yokuthi bengingakw­azi ukuhlala ngaphandle kwakho.

“Kubuhlungu okwenzeke kimi, ngamlimaza uNosipho ngingaqond­ile. Angazi kwenzeke kanjani, kodwa ngiyaxolis­a.”

Kuthiwa entathakus­a ngoLwesine, uZondi uzilengise esihlahlen­i esiseduze komgwaqo.

Iphoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a liqiniseki­sile ukuthi lesi sigameko senzekile nokuthi kuvulwe idokodo ngokufa komuntu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa