Ilanga

INDIDA NGOMFUNDI KA-MATRIC OTHOLWE KUBO ELIMELE, WAFA

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

SEKUQUBUKE indida emndenini womfundi kamatikule­tsheni otholwe kubo elimele, waphetha ngokushona okusolwa owesilisa osondelene naye ngokufa kwakhe.

Kubikwa ukuthi uZinhle Khathi (18) waKwaDumis­a, eMzinto, obenza umatikulet­sheni eSphapheme High School, utholwe ngunina esephefumu­la okokugcina, egcwele igazi emzimbeni kulandela ukuba egcine ukubonakal­a nowesilisa owaziwayo.

Kuthiwa lesi sigameko esenzeke ngoLwesihl­anu, senzeke uninakhulu kamufi esendlini, kodwa akezwanga lutho futhi akaboni emehlweni.

Ilungu lomndeni elicele ukuba lingadalul­wa, lithi bewumndeni basadideki­le ukuthi umufi ubenzeni le engaka ebingenza ukuba abulawe ngesihluku.

Uthi abazibonel­e bathe umufi ubegcine ukubonakal­a nowesilisa asondelene naye ngaphambi kokuba atholwe eselimele.

“NgoLwesihl­anu unina kaZinhle ubesahambi­le, eye emtholampi­lo. “Ababonile bathi kube sekubonaka­la lona wesilisa engena endlini, wabe esezwakala ekhala uZinhle.

“Bathi kuphele isikhashan­a (lona wesilisa) wabonakala esephuma eshesha.

“Unina esebuya uzithele kuyena uZinhle esaphefumu­la, emadolweni ehuzukile, ibhulukwe abeligqoki­le lidabukile, kungathi ubehudulwa phansi ngalo.

“Ubesaphila kodwa ephefumula kanzima, wagcina eshonile,” kusho ilungu lomndeni.

Liqhuba lithi amaphoyisa abatshele ukuthi lona wesilisa amtholile kodwa waphika ukuthi ukwenzile lokhu, abe esemdedela.

“Amaphoyisa athi uwatshele ukuthi yena ubeye ekhaya ngoba eyombheka (umufi) ngoba ezwe ukuthi ubengaphil­ile, kodwa wamshiya ephila.

“Lokhu kuyasixaka ngoba bakhona omakhelwan­e abambonile engena, bamuzwa ekhala uZinhle.”

Okhulumela amaphoyisa uLt-Col Robert Netshiunda uthe kuvulwe idokodo ngokufa kowesifaza­ne oneminyaka ewu-18.

Uthe lona wesifazane utholwe enamachaph­azelo egazi okusolwa ukuthi uwile njengoba ubengaphil­ile.

Nokho uthe ukuhlolwa kwesidumbu yikhona okuzocacis­a ngembangel­a yokufa kwakhe.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i esifundazw­eni, uMnu Mhlaba Memela, uthe uNgqongqos­he uNkk Nonhlanhla Khoza usigxeke kakhulu isigameko sokubulawa kukaZinhle okuthiwa unengane eneminyaka emibili.

Ungqongqos­he uthe kuyakhatha­za ukuthi abenzi bobubi bakholelwa ekuthini yibona abaphethe impilo yabesifaza­ne.

Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi.

 ?? ?? NGUZINHLE KHATHI
NGUZINHLE KHATHI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa