Ilanga

OBEYIMENEN­JA KAMASIPALA ULAHLWE NGAMACALA OKUNGALAND­ELI IMITHETHO

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UMHOLI wekhokhasi yeDemocrat­ic Alliance (DA), kuMasipala iBaqulusi, uMnu Swelakhe Shelembe uthi bazimisele ngokubhale­la umkhandlu walo masipala ukuthi ubheke ukuthi kazikho yini izinqumo ezithathwe emihla-nganweni emibili eyahlalisw­a yimenenja exoshwe ngasekuqal­eni kwesonto, uMnu Zwelihle Dlamini.

Ngonyaka odlule kugcine kumiswa uDlamini ngemuva kokuba amanye amakhansel­a ekhale ngokuthi ngomhla ka-28 kuNdasa (March), wahlalisa umhlangano okwakungaf­anele wekomiti lezemali.

Leli komiti uSihlalo walo kwakungume­ya owayesefak­e incwadi yokusula uMnu Mncedisi Maphisa, kodwa waqhubeka nokumhlali­sa kulo mhlangano okwakungas­afanele ahlale kuwona.

UDlamini uphinde futhi asolwe ngokuhlali­sa umhlangano owawungomh­la ka-6 kuNtulikaz­i (July), lapho kuthiwa amakhansel­a ayekhona ayenganele ukuthi kungahlala umhlangano, kuthathwe izinqumo.

“Emkhandlwi­ni wethu kudingeka amakhansel­a okungenani abe wu-23 ukuze umhlangano ube semthethwe­ni, kodwa kulona amakhansel­a ayewu-19.

“Sathi uma silandelel­a ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi usomlomo avumele lo mhlangano, kwaba wukuthi imenenja ithi nguyena uSomlomo uMnu N P Ndlela owavuma.

“Kwaphinde kwavela ukuthi uMaphisa kwakungafa­nele ahlale kuwona ngoba ngokwencwa­di yakhe yokusula wayeyifake ngomhla ka-17 kuNdasa (March) okusho ukuthi wayengasey­ona imeya ngesikhath­i ehlala emhlanganw­eni wesigungu sezemali. “Nakho ukuthi imenenja imiswe emsebenzin­i ukuze kwenziwe uphenyo ngalobu budedengu, kube wumzukuzuk­u ngoba benosomlom­o bagijimela ezinkantol­o ukuze bangamiswa,” kusho uShelembe.

Kuvela ukuthi ngemuva kokukhonon­da ngemenenja kweDA, eyayikhala nangokuthi isizwile ukuthi i-IFP isimkhiphi­le esikhundle­ni uMaphisa, kwadingeka ukuthi kube nophenyo olwenziway­o, okuthiwa uDlamini wathi akafisi ukuthi kube yithimba elizobe liqokwe wumkhandlu elizopheny­a, okungenani makuqashwe abazimele.

“Inkampani ebiphenya ithole ukuthi wephula imithetho yokusebenz­a, yamlahla kuzona zonke izinsolo abebhekene nazo. Umkhandlu uthathe isinqumo sokuthi umxoshe uDlamini obemisiwe sonke lesi sikhathi,” esho.

Okunye okufake uDlamini obishini, kube wukuzwakal­a kwenkulumo eqoshiwe lapho ayetshela khona amakhansel­a ukuthi uma kuqashwa kuzolandel­elwa izifiso zeqembu i-IFP.

Ngemuva kwale nkulumo eqoshiwe, leli qembu laziqhelel­anisa nale nkulumo, lathi kalikwazi lona ukungenele­la ekuqashwen­i kweziseben­zi.

“NgoMsombul­uko sizobhalel­a umkhandlu kulo masipala ukuba sicele uphenye ukuthi kazikho yini izinqumo ezinqala ezithathwe kule mihlangano emibili ezingagcin­a zisifaka enkingeni ngelinye ilanga.

“Akukho okunye esesingaku­sho ngoDlamini ngoba uxoshiwe kodwa usomlomo siyafisa ukuthi kube nezinyathe­lo athathelwa zona naye,” esho.

Esikhundle­ni semeya kube sekungena uMnu Eric Mkhwanazi ongatholak­alanga ukuphefumu­la ngalolu daba. nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa