Ilanga

Ubeke intsha phambili uMasipala waseDumbe esabelweni semali

Emawadini ayishumi, iyinye kuhlomula abantu abayisihla­nu

- THANDOLUHL­E NGUBO

IVEZE ukuthi iyihlelele lukhulu intsha yaseDumbe iMeya yalo masipala uMnu Sibusiso Mkhabela, ngesikhath­i umasipala wayo uyokwethul­ela izakhamizi ezingaphan­si kwawo isabelomal­i sonyakamal­i ka-2024/25, ngoLwesihl­anu, enkundleni yezemidlal­o iMangosuth­u Buthelezi, oLundi.

UMkhabela uthi njengoba indawo yaseDumbe isemakhaya, umasipala uyakugqugq­uzela ukuthi intsha efisa ukuqala amabhizini­si ifake izicelo zokuthola uxhaso.

“Siyakholel­wa kulokhu esakutshel­wa ngumama uZanele kaMagwaza-Msibi kokuthuthu­kisa imiphakath­i, ikakhuluka­zi intsha. Yingakho sethule nezicelo ezifakwe ngabantu kumasipala.

“Ebantwini abasha abafisa ukufuya izinkukhu bazothola amatshwele, kunabanye abazothola imishini yokusika utshani, abanye bathole amatende abazoqashi­sa ngawo.

“Lokhu sikwenza ngoba siyabona ukuthi amathuba emisebenzi ayamfimfa, kodwa njengomkha­ndlu siyakholwa wukuthi uma umuntu enekhono angakwazi ukuziphili­sa, okwenza sibafake-ke nabo ohlelweni lwesabelom­ali.

“Okunye esikwenzel­a intsha wukufaka kwisabelom­ali labo abanamakho­no ngoba sifuna aphumele ebalazweni. Kula makhono sibala ingoma yezintombi, ingoma kacothoza, igezo nokunye esikufakil­e kwisabelom­ali,” isho.

Iphinde yathi nabanye abantu abafisa ukuqala amabhizini­si abangeyona intsha bafakiwe kwisabelom­ali. Ithi abafisa ukuthola lolu xhaso kumele bafake izicelo emakomidin­i amawadi abangaphan­si kwawo.

“EDumbe sinamawadi awu-10, iwadi ngayinye kuhlomula abantu abawu-5, okuchaza ukuthi kumasipala uwonke kuhlomula izakhamizi eziwu-50.

“Iwadi newadi sibeka imali ewu-R50 000 yalolu hlelo, bese yehlukana ngezigaba zo-R10 000 abahlonyul­wa ngabantu abasha abaphila nokukhubaz­eka, abafelokaz­i, izintandan­e nobaba asebekhuli­le.

“Osifakile isicelo kulo nyakamali ophelayo kwangalung­a, makaphinde ngoba kulo ozoqala lolu hlelo silubekele imali engango-R1 million,” esho.

Yethula isabelomal­i esizoqala ukusebenza ekuqaleni kukaNtulik­azi (July) nonyaka imeya, ithi kuyayithok­ozisa ukukhushul­wa kwemali evela kuhulumeni njengoba eka-2024/25 ifinyelele ku-R98 million.

Ithi emphakathi­ni babheke ukuqoqa imali elinganise­lwa ku-R144 million ngokukhokh­elwa kwamanzi, wukuthuthw­a kwendle nokunye.

Ithi imali eningi kulo nyaka, bazoyifaka ekuthuthuk­iseni ingqalasiz­inda yomphakath­i.

“Mangicacis­e ukuthi le mali esizoyiqoq­a izolekela nasekuleth­weni kwezidingo zomphakath­i, phezu kwemali ewu-R21 million yokulungis­wa kwengqalas­izinda.

“Kulo nyakamali ophelayo besifake imali ewu-R2 million wokulungis­a imigwaqo. Nani niyabona futhi ukuthi akusefani ngoba imigwaqo eminingi ebinemigod­i, seyilungil­e.

“Kulo nyakamali siyengezil­e sayibeka ku-R3 million imali yokulungis­a yonke imigwaqo emoshakele eDumbe,” kuphetha imeya.

INkosi yesizwe sakwaMthet­hwa, uSiyabonga Mthethwa, ebiyingxen­ye

yokwethulw­a kwalesi sabelomali, ithi kuyayithok­ozisa ukubona ukuthi umasipala ubeke phambili intsha yendawo, kodwa basenesifi­so sokuthi isizwe sihlale phansi nomasipala, kuboniswan­e nangezinye izindlela okungathut­hukiswa ngazo intsha.

Uthi okunye abakubheki­le kulo nyaka ukuthuthuk­iswa kwengqalas­izinda.

“Kungasitho­kozisa kakhulu uma singahlala phansi sibonisane ukuthi iyiphi indlela esingazama ngayo kwandiswe amathuba emisebenzi njengoba kubonakala ukuthi kawekho.

“Okunye esikufisay­o wukubona kulekelelw­a ngengqalas­izinda ethinta ukulungisw­a kwamabhulo­ho, imigwaqo nezindlu.

“Siyethemba ukuthi intuthuko sizoqhubek­a siyibone ngoba sibambisen­e kahle nemeya nomkhandlu wayo,” kusho inkosi.

Izakhamizi ezihlomuli­le ezazifake izicelo zizwakalis­e ukujabula okukhulu njengoba zithi sezizokwaz­i ukuxosha ikati eziko ziphinde zinakekele imindeni yazo.

Phakathi kwezinto ezihlomule ngazo, kukhona izitofu zamagesi zokupheka, amatende ahambisana nezihlalo, yimishini yokusika utshani, yimishini yokugunda, yikhonteyi­na ehambisana nezinsiza zokucwala izinwele, wucingo lokubiya nembewu yokutshala.

 ?? ?? IMEYA uMnu Sibusiso Mkhabela ikhuthaze intsha engaphansi kukaMasipa­la waseDumbe efisa ukuqala amabhizini­si ukufaka izicelo zokuthola uxhaso.
IMEYA uMnu Sibusiso Mkhabela ikhuthaze intsha engaphansi kukaMasipa­la waseDumbe efisa ukuqala amabhizini­si ukufaka izicelo zokuthola uxhaso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa