Ubeke intsha phambili uMasipala waseDumbe esabelweni semali
Emawadini ayishumi, iyinye kuhlomula abantu abayisihlanu
IVEZE ukuthi iyihlelele lukhulu intsha yaseDumbe iMeya yalo masipala uMnu Sibusiso Mkhabela, ngesikhathi umasipala wayo uyokwethulela izakhamizi ezingaphansi kwawo isabelomali sonyakamali ka-2024/25, ngoLwesihlanu, enkundleni yezemidlalo iMangosuthu Buthelezi, oLundi.
UMkhabela uthi njengoba indawo yaseDumbe isemakhaya, umasipala uyakugqugquzela ukuthi intsha efisa ukuqala amabhizinisi ifake izicelo zokuthola uxhaso.
“Siyakholelwa kulokhu esakutshelwa ngumama uZanele kaMagwaza-Msibi kokuthuthukisa imiphakathi, ikakhulukazi intsha. Yingakho sethule nezicelo ezifakwe ngabantu kumasipala.
“Ebantwini abasha abafisa ukufuya izinkukhu bazothola amatshwele, kunabanye abazothola imishini yokusika utshani, abanye bathole amatende abazoqashisa ngawo.
“Lokhu sikwenza ngoba siyabona ukuthi amathuba emisebenzi ayamfimfa, kodwa njengomkhandlu siyakholwa wukuthi uma umuntu enekhono angakwazi ukuziphilisa, okwenza sibafake-ke nabo ohlelweni lwesabelomali.
“Okunye esikwenzela intsha wukufaka kwisabelomali labo abanamakhono ngoba sifuna aphumele ebalazweni. Kula makhono sibala ingoma yezintombi, ingoma kacothoza, igezo nokunye esikufakile kwisabelomali,” isho.
Iphinde yathi nabanye abantu abafisa ukuqala amabhizinisi abangeyona intsha bafakiwe kwisabelomali. Ithi abafisa ukuthola lolu xhaso kumele bafake izicelo emakomidini amawadi abangaphansi kwawo.
“EDumbe sinamawadi awu-10, iwadi ngayinye kuhlomula abantu abawu-5, okuchaza ukuthi kumasipala uwonke kuhlomula izakhamizi eziwu-50.
“Iwadi newadi sibeka imali ewu-R50 000 yalolu hlelo, bese yehlukana ngezigaba zo-R10 000 abahlonyulwa ngabantu abasha abaphila nokukhubazeka, abafelokazi, izintandane nobaba asebekhulile.
“Osifakile isicelo kulo nyakamali ophelayo kwangalunga, makaphinde ngoba kulo ozoqala lolu hlelo silubekele imali engango-R1 million,” esho.
Yethula isabelomali esizoqala ukusebenza ekuqaleni kukaNtulikazi (July) nonyaka imeya, ithi kuyayithokozisa ukukhushulwa kwemali evela kuhulumeni njengoba eka-2024/25 ifinyelele ku-R98 million.
Ithi emphakathini babheke ukuqoqa imali elinganiselwa ku-R144 million ngokukhokhelwa kwamanzi, wukuthuthwa kwendle nokunye.
Ithi imali eningi kulo nyaka, bazoyifaka ekuthuthukiseni ingqalasizinda yomphakathi.
“Mangicacise ukuthi le mali esizoyiqoqa izolekela nasekulethweni kwezidingo zomphakathi, phezu kwemali ewu-R21 million yokulungiswa kwengqalasizinda.
“Kulo nyakamali ophelayo besifake imali ewu-R2 million wokulungisa imigwaqo. Nani niyabona futhi ukuthi akusefani ngoba imigwaqo eminingi ebinemigodi, seyilungile.
“Kulo nyakamali siyengezile sayibeka ku-R3 million imali yokulungisa yonke imigwaqo emoshakele eDumbe,” kuphetha imeya.
INkosi yesizwe sakwaMthethwa, uSiyabonga Mthethwa, ebiyingxenye
yokwethulwa kwalesi sabelomali, ithi kuyayithokozisa ukubona ukuthi umasipala ubeke phambili intsha yendawo, kodwa basenesifiso sokuthi isizwe sihlale phansi nomasipala, kuboniswane nangezinye izindlela okungathuthukiswa ngazo intsha.
Uthi okunye abakubhekile kulo nyaka ukuthuthukiswa kwengqalasizinda.
“Kungasithokozisa kakhulu uma singahlala phansi sibonisane ukuthi iyiphi indlela esingazama ngayo kwandiswe amathuba emisebenzi njengoba kubonakala ukuthi kawekho.
“Okunye esikufisayo wukubona kulekelelwa ngengqalasizinda ethinta ukulungiswa kwamabhuloho, imigwaqo nezindlu.
“Siyethemba ukuthi intuthuko sizoqhubeka siyibone ngoba sibambisene kahle nemeya nomkhandlu wayo,” kusho inkosi.
Izakhamizi ezihlomulile ezazifake izicelo zizwakalise ukujabula okukhulu njengoba zithi sezizokwazi ukuxosha ikati eziko ziphinde zinakekele imindeni yazo.
Phakathi kwezinto ezihlomule ngazo, kukhona izitofu zamagesi zokupheka, amatende ahambisana nezihlalo, yimishini yokusika utshani, yimishini yokugunda, yikhonteyina ehambisana nezinsiza zokucwala izinwele, wucingo lokubiya nembewu yokutshala.