Ilanga

KWAGCWALIS­EKA ISETHEMBIS­O SIKABHOMBE­LA MHLA NGIQALA UKUBONA UNYAZI

-

MHLELI: Uma ngikhumbul­a kahle, kwakuphaka­thi kuka-2009 no-2010 mhla ngibizwe ngomunye wabashumay­eli eBuhleni, umshumayel­i uNgidi, osengumVan­geli, eThempelin­i, iBambisana­ni, oZwathini.

Umshumayel­i uNgidi wayengibiz­ele ukuba ngimbonise umsebenzi wami ayecele ukuthi ngiwenzele iNkosi uThingo, eBuhleni.

Kwathi sisahlezi nje ngaphakath­i, amaNazaret­ha elindele ukunikela eNkosini ngemuva kwenkonzo yasemini, njengoba kwakuyiSab­atha, ngezwa ngomshumay­eli uNgidi engiqhweba, wangibuza ukuthi ngiyamazi yini ‘uM...’?’, esho igama iNkosi uNyazi eyayibizwa ngalo ngaleso sikhathi.

Ngaphendul­a ngathi: “Cha angimazi, kodwa ngike ngizwe umngani wami ekhuluma ngaye ngoba uyamazi.”

“Nangu ehlezi eceleni kwakho,” kusho uNgidi.

Kwathi uma ngiphenduk­ela kulo uNyazi, ngazithela phezu kweNdlamhl­athi uqobo lwayo, uBhombela isitimela samaMpondo, engimazela ezithomben­i.

Kwathi uma ngikuqaphe­la lokhu, ngafikelwa wukuthi ngithi “uyiNgcwele­eeh... Ahhmeeeni”.

Ngakhumbul­a ngaso leso sikhathi ukuthi kangikwazi ukukhuza iNgcwele kumuntu ongekho esihlalwen­i, ibe ikhona inkosi.

Ngakhumbul­a ngokuphazi­ma kweso ukuthi uma ngenza njalo ‘ngizothand­azelwa kabuhlungu’, ngazibamba.

Kodwa ekuzibambe­ni kwami, ngesikhath­i sengilubin­gelela uNyazi, angiphelan­ga amandla ngoba ngazizwa ngenhliziy­o, sengithi; “nguwe iNkosi yamaNazare­tha elandelayo”.

Lokhu, ngakusho ngenhliziy­o ngoba ngangibona uMqaliwend­lela njengoba enjalo ezithomben­i. Kwagcwalis­eka kimi isethembis­o sikaBhombe­la sokuthi uyobuya esiqwini sesihlanu.

Kunjalo eBuhleni bamaNazare­tha namuhla.

Impela ngacishe ngathola induku kabuhlungu eBuhleni.

Kodwa ukube ‘ngathandaz­elwa’ ngaloluya suku, ngangiyoso­la yena uNkulunkul­u uqobo ukuthi angafike angikhombi­se inkosi elandelayo, aphinde angiqhathe neNhlalisu­thi kanjalo neNgudlung­udlu ihlangene neNtabayep­heza?

Cebolenkos­i Maphumulo eNanda

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa