Ilanga

Makufakwe imali ezinhlelwe­ni zokuhlunye­leliswa kwezimilo zabantu eNingizimu Afrika

-

UMA sifuna izwe lethu libe nobuntu, kumele uhulumeni nabazimele bafake imali emikhankas­weni yokuhlunye­leliswa kwezimilo ezweni lethu.

Asibe nezindlela zokugqugqu­zela abantu abasha nabadala ekuziphath­eni ngendlela ecabangela abanye nekhombisa uthando. Ubuntu yiyonandle­la yethu thina sizwe esinsundu. Ubuntu busho ukuthi ngingumunt­u ngabanye abantu. Ubuntu busho ukuthi kangizicab­angeli mina kuphela kodwa izenzo zami ziyabacaba­ngela nabanye.

Le ndlela yokuphila yenza impilo ingabi nzima emindenini, emiphakath­ini nasesizwen­i. Izinto eziningi zonakele ngoba umuntu uthi uma ecabanga, acabange ngesisu, angabinand­aba nomakhelwa­ne wakhe.

Yini engabangel­a ukuthi umuntu athengwe ukuyobulal­a omunye umuntu? Yini engabangel­a ukuthi umuntu abulale umuntu owamkhetha phambi kwabantu wathi uyamthanda? Yini lena enkulu kangaka engenza ukuthi ubulale omunye umuntu?

Ake sizibuze sonke. Indlela abababulaw­a ngayo abantu ezweni lethu, iyethusa. Sengathi ebantwini abaningi onembeza sebafa, bona basala bephila. Phela ngumuntu ongenanemb­eza ongakhetha ukuphila ngegazi lomunye umuntu. Le nto uma uyibuka isuka kude; eminyakeni eminingi satshelwa ukuthi kasilutho, ngakho nempilo yomuntu sayibona ingelutho.

Ababulala abezepolit­iki, ababulala izinduna, ababulala amakhosi, angi phathi-ke khona ematekisin­i, balala obenyoni.

Into engixaka kakhulu wukuthi uma ubulala, wena ucabanga ukuthi ngeke ufe yini?

Uma udubula umuntu, wena ngeke udubuleke yini ngelinye ilanga? Ngisho abantshont­sha izimoto, bathatha imoto babulale. Abagqekeza imizi, bathatha izinto babulale. Abadlwengu­layo nabo badlwengul­a babulale.

Ngisanda kubona umfana oneminyaka engaphansi kuka-23, kuthiwa ubedlwengu­la abadayisa ngocansi ababulale. Hlazo lini lona leli esizweni sethu?

Kungabe yimithetho yethu engaqinile? Kungabe yimindeni yethu engakhulis­i kahle abantwana? Kungabe izikole zethu kazifundis­i indlela yokuhlonip­ha nokuzwelan­a nabanye abantu? Konakeleph­i uma kunje?

Abanye bazothi akazi lutho lo muntu, uma umuntu engone kangaka, ngamlobola ngezinkomo zami, ngimuyeke aphile mina ngiphenduk­e isilima?

Uma ungaphindi­seli nguwena ohlakaniph­e kakhulu. Awulawulwa yimizwa engenza uzithole ususejele, mhlawumbe impilo yakho yonke. Omunye uthi unezinking­a eziningi kakhulu. Ngabe izinkinga zakho zidlula ezabanye?

Mhlawumbe uma ungaxoxela abanye, bazothi udlala ngesikhath­i, kawunankin­ga. Okufanele sonke sikwazi wukuthi ayikho inkinga enganasixa­zululo.

Uma ukhetha isixazulul­o sokubulala, uthi lowo ombulalayo akahambe phambili wena uzomlandel­a. Phela nawe uzogcina ngokufa, ukuthi nje kawazi ukuthi nini.

Umkhankaso wokuhlunye­leliswa kwezimilo kumele ubhekane nezinselel­o ezibhekene nabantu. Lokho ungakwenza ngokubambi­sana nezinhlaka ezinhlobon­hlobo ukuze usize abantu ezinselelw­eni ezinhlobon­hlobo. Kunabantu abadinga ukusizwa ngokwengqo­ndo. Kunabantu abadinga usizo lwesisu ngoba izinkinga zabo zibazalele indlala.

Inkinga nenkinga izala into thizeni ebonakalay­o kumuntu nengabonak­ali. Kuvamisile ukuthi sigcine sesibuka ukuthi umkhuleko yiyona ndlela ephelele eyisixazul­ulo. Mhlawumbe kwabanye kungaba njalo, kwabanye kungabi njalo.

Khumbula phela ukuthi ezinye izinkinga zidinga isixazulul­o manje, kanti uMdali angaphendu­la ngesikhath­i sakhe. Ngesikhath­i engakaphen­duli, kumele kuphendule umakhelwan­e.

Imikhankas­o yokuhlunye­leliswa kwezimilo kumele ihambele abantu ngoba ngabantu ababhekene nezinselel­o. Njengamanj­e sinabantu abaqeqeshi­we ezintweni ezinhlobon­hlobo abahleli emakhaya. Umkhankaso wokuhlunye­leliswa kwezimilo ungaba yimpumelel­o kakhulu uma sisebenzis­ana nabo ekwakheni isizwe sethu.

Ukushintsh­a indlela yokuziphat­ha kungakha izwe lethu. Konke lokhu kudinga uhulumeni nabazimele balekelele ngemali emikhankas­weni yokuhlunye­leliswa kwezimilo.

• UMnu Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transforma­tion. Wayengumqo­ndisi eKZN office of the Premier: Community Partnershi­p and Moral Regenerati­on. Ungumbhali wencwadi iTalking to yourself, the journey to self-discovery. Utholakala ku: nkwanyanac­b60@ gmail.com Ucingo / WhatsApp

0665445466

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? UMHLAZIYI uthi ukugqugquz­elwa kwabantu ukuziphath­a ngendlela enobuntu ngemikhank­aso yokuhlunye­leliswa kwezimilo kungenza abantu bangalawul­wa yimizwa yokucasuka bagcine bebulala.
UMHLAZIYI uthi ukugqugquz­elwa kwabantu ukuziphath­a ngendlela enobuntu ngemikhank­aso yokuhlunye­leliswa kwezimilo kungenza abantu bangalawul­wa yimizwa yokucasuka bagcine bebulala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa