Makufakwe imali ezinhlelweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo zabantu eNingizimu Afrika
UMA sifuna izwe lethu libe nobuntu, kumele uhulumeni nabazimele bafake imali emikhankasweni yokuhlunyeleliswa kwezimilo ezweni lethu.
Asibe nezindlela zokugqugquzela abantu abasha nabadala ekuziphatheni ngendlela ecabangela abanye nekhombisa uthando. Ubuntu yiyonandlela yethu thina sizwe esinsundu. Ubuntu busho ukuthi ngingumuntu ngabanye abantu. Ubuntu busho ukuthi kangizicabangeli mina kuphela kodwa izenzo zami ziyabacabangela nabanye.
Le ndlela yokuphila yenza impilo ingabi nzima emindenini, emiphakathini nasesizweni. Izinto eziningi zonakele ngoba umuntu uthi uma ecabanga, acabange ngesisu, angabinandaba nomakhelwane wakhe.
Yini engabangela ukuthi umuntu athengwe ukuyobulala omunye umuntu? Yini engabangela ukuthi umuntu abulale umuntu owamkhetha phambi kwabantu wathi uyamthanda? Yini lena enkulu kangaka engenza ukuthi ubulale omunye umuntu?
Ake sizibuze sonke. Indlela abababulawa ngayo abantu ezweni lethu, iyethusa. Sengathi ebantwini abaningi onembeza sebafa, bona basala bephila. Phela ngumuntu ongenanembeza ongakhetha ukuphila ngegazi lomunye umuntu. Le nto uma uyibuka isuka kude; eminyakeni eminingi satshelwa ukuthi kasilutho, ngakho nempilo yomuntu sayibona ingelutho.
Ababulala abezepolitiki, ababulala izinduna, ababulala amakhosi, angi phathi-ke khona ematekisini, balala obenyoni.
Into engixaka kakhulu wukuthi uma ubulala, wena ucabanga ukuthi ngeke ufe yini?
Uma udubula umuntu, wena ngeke udubuleke yini ngelinye ilanga? Ngisho abantshontsha izimoto, bathatha imoto babulale. Abagqekeza imizi, bathatha izinto babulale. Abadlwengulayo nabo badlwengula babulale.
Ngisanda kubona umfana oneminyaka engaphansi kuka-23, kuthiwa ubedlwengula abadayisa ngocansi ababulale. Hlazo lini lona leli esizweni sethu?
Kungabe yimithetho yethu engaqinile? Kungabe yimindeni yethu engakhulisi kahle abantwana? Kungabe izikole zethu kazifundisi indlela yokuhlonipha nokuzwelana nabanye abantu? Konakelephi uma kunje?
Abanye bazothi akazi lutho lo muntu, uma umuntu engone kangaka, ngamlobola ngezinkomo zami, ngimuyeke aphile mina ngiphenduke isilima?
Uma ungaphindiseli nguwena ohlakaniphe kakhulu. Awulawulwa yimizwa engenza uzithole ususejele, mhlawumbe impilo yakho yonke. Omunye uthi unezinkinga eziningi kakhulu. Ngabe izinkinga zakho zidlula ezabanye?
Mhlawumbe uma ungaxoxela abanye, bazothi udlala ngesikhathi, kawunankinga. Okufanele sonke sikwazi wukuthi ayikho inkinga enganasixazululo.
Uma ukhetha isixazululo sokubulala, uthi lowo ombulalayo akahambe phambili wena uzomlandela. Phela nawe uzogcina ngokufa, ukuthi nje kawazi ukuthi nini.
Umkhankaso wokuhlunyeleliswa kwezimilo kumele ubhekane nezinselelo ezibhekene nabantu. Lokho ungakwenza ngokubambisana nezinhlaka ezinhlobonhlobo ukuze usize abantu ezinselelweni ezinhlobonhlobo. Kunabantu abadinga ukusizwa ngokwengqondo. Kunabantu abadinga usizo lwesisu ngoba izinkinga zabo zibazalele indlala.
Inkinga nenkinga izala into thizeni ebonakalayo kumuntu nengabonakali. Kuvamisile ukuthi sigcine sesibuka ukuthi umkhuleko yiyona ndlela ephelele eyisixazululo. Mhlawumbe kwabanye kungaba njalo, kwabanye kungabi njalo.
Khumbula phela ukuthi ezinye izinkinga zidinga isixazululo manje, kanti uMdali angaphendula ngesikhathi sakhe. Ngesikhathi engakaphenduli, kumele kuphendule umakhelwane.
Imikhankaso yokuhlunyeleliswa kwezimilo kumele ihambele abantu ngoba ngabantu ababhekene nezinselelo. Njengamanje sinabantu abaqeqeshiwe ezintweni ezinhlobonhlobo abahleli emakhaya. Umkhankaso wokuhlunyeleliswa kwezimilo ungaba yimpumelelo kakhulu uma sisebenzisana nabo ekwakheni isizwe sethu.
Ukushintsha indlela yokuziphatha kungakha izwe lethu. Konke lokhu kudinga uhulumeni nabazimele balekelele ngemali emikhankasweni yokuhlunyeleliswa kwezimilo.
• UMnu Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transformation. Wayengumqondisi eKZN office of the Premier: Community Partnership and Moral Regeneration. Ungumbhali wencwadi iTalking to yourself, the journey to self-discovery. Utholakala ku: nkwanyanacb60@ gmail.com Ucingo / WhatsApp
0665445466