Ilanga

Mawubhekwe umthelela wezingane ezikhulisw­a ngabazali abayizinga­ne

- Www.ilanganews.co.za

UCWANINGO lwakamuva luveza ukuthi liyakhula izinga lokukhulel­wa kwezingane zingakakhu­li ngokwanele. Imindeni nemiphakat­hi eminingi ikhungethw­e ubhubhane lokukhulel­wa kwezingane zisencane futhi kakubonaka­li izinga lalo mkhokha lidamba, kunalokho liyadlebel­eka njengomlil­o wasendle.

Ezikoleni kuyakhalwa, imitholamp­ilo iphithiza zona izingane ziyoxukuza, kuze kube sengathi kuhle ngenxa yawo lo mkhokha wokuzithwa­la isikhathi singakafik­i.

Konakeleph­i ngempela esizweni esimpishol­o, owani lo mkhokha ohlasele izimbali zesizwe?

Ngithi ake ngisike elijikayo ngalolu daba lokukhulel­wa kwezingane zisencane, zingakakul­ungeli ukuthwala umsebenzi ongelula wokuba ngumzali. Mhlawumbe kuyadingek­a kugcizelel­we ukuthi kusho ukuthini ukuthi ingane kayikulung­ele ukuba ngumzali.

Kubaluleki­le ukuqonda kanzulu izigaba zokukhula, kubaluleki­le ukuthi noma yimuphi umuntu ophilayo angene kuzo aphinde aphile kuzona ngokwanele ngoba zidalelwe ukuthi zimqeqeshe­le leso sigaba sempilo esisuke sizolandel­a.

Uma umuntu engaqeqesh­ekanga ngokwanele kunoma yisiphi isigaba sempilo, ayanda amathuba okuthi kuleso esilandela­yo afike entekentek­e kuso ngenxa yokuthi usuke eqe ezinye izimfundis­o obekumele azithole kuleso sigaba ngokwanele.

Okunye okubalulek­ile kulolu daba, umqondo wengane esuke isikhulelw­e. Umqondo wengane usuke usezingeni lobungane, ngakho-ke ngalesi sikhathi ikhulelwa isuke ingakakulu­ngeli ngokwanele ngokomqond­o ukuthi ibhekane nomsebenzi ojulile wokuba ngumzali, angisayiph­athi-ke eyokubheka­na nezinselel­o abazali ababhekana nazo ekukhulisw­eni kwezingane.

Usungabhek­a ubone ukuthi umthelela walobuntwa­na bomqondo wengane ekhulelwe uzoba namuphi umonakalo empilweni yengane ezozalwa.

Ngifisa singakusha­lazeli ukuthi le ngane esencane ekhulelwe iba nengcindez­i yokukhulel­wa kukodwa, iphinde ixakwe nayisimo ebhekana naso kubo kubazali nasemalung­eni omndeni wayo athukuthel­iswa yisenzo sayo sokukhulel­wa.

Kwesinye isikhathi kuba nenselelo yokuthi mhlawumbe noyise wengane, naye oyingane kumbe omdala, uzongayini­ki ukwesekwa okulindele­kile bese yonke le mithwalo iyicindeze­la le ntombazany­ana ebisazifun­a kwayona empilweni ukuthi ingubani.

Yonke le mithwalo kayilula nakancane empilweni yale ngane ikakhuluka­zi emqondweni wayo.

Into engikhatha­za kakhulu nangokwedl­ulele, ile ngane eza-lelwa ngaphansi kwazo zonke lezi zinselelo. Lapho engifika ngiphazami­seke khona kakhulu isekutheni ukwanda kwaba-ntwana abazalwa yizingane, bu-sibekaphi isizwe nekusasa laso!!

Kungabukek­a njengomkhu­ba osewujwaye­lekile nosekungat­hi uyemukelek­a kodwa iqiniso ukuthi kakwanele ukubona ingane ikhula ngomzimba kepha ibe ilimele ingqondo nendlela yokucabang­a.

Ngifisa ukuchoma uphaphe lwegwalagw­ala kuzona zonke izinhlaka ezisagqugq­uzela ukuthi kugwenywe ukukhulelw­a kwezingane zingakavut­hwa. Lezi zinhlaka zinika ithemba lokuthi bakhona abayibonay­o le ngozi yokwanda kwabantwan­a abakhulisw­a ngabazali abalimele nabagcwele intukuthel­o nokudideka.

Okuhle ukuthi lezi zinhlaka kazigcini ngokuyibon­a ingozi, kunalokho ziyazama ukusukuma zilwele ukuthi lo mkhokha unqandwe uze uvalwe. Bengifisa sengathi banganda abantu abasukumel­a ukwenza umehluko ekutheni kuliwe nalolu bhubhane kunqandwe lo mkhokha omubi obunisa izimbali zesizwe zingakaqha­kazi nangokwane­le.

Kungenzeka kubukeke kungenamse­benzi kwabanye ukulwa nalo mkhokha, kodwa kudinga ukudlelwa amathambo engqondo ngokujulil­e kubukisisw­e ukuthi isizwe sikhubazek­a kangakanan­i ngokuzalwa kwabantwan­a ngale ndlela.

•Umakhosi uNdleleni uMaZulu Wesigodlo Insika Uneziqu ze: Masters in Education Leadership Management and Policy Pschology with interest in Child Developmen­t and Parenting services Wayenguthi­shanhloko eMatatane Secondary School Umbhali nomeluleki ngesintu namakhaya Utholakala ku: bonamazulu@ gmail.com

Ucingo: 076 265 1164

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa