Ilanga

KUBUYE ITHEMBA KWI-MARITZBURG UTD INQOBA EKUHAMBENI

- Ngiyawabon­gela AmaZulu akhombisil­e ukuthi akulambele ukunqoba... MFANAFUTHI NDLOVU

IQINISE amathuba okulwela ngempumele­lo ukubuyela kwiDStv Premiershi­p iMaritzbur­g United ishaya iMagesi FC ngo-2-0 koweMotsep­e Foundation Championsh­ip (MFC) ngoMgqibel­o ePolokwane.

Amagoli ezikaFaroo­k “Ntshebe” Kadodia avalelwe enethini nguAndiswa Sithole noJoslin Kamatuka.

Ekhuluma neLANGA izolo ngeSonto uKadodia ongusihlal­o weTeam of Choice, uthi yize engafuni ukufaka abadlali ngaphansi kwengcinde­zi kodwa usebuyelwe yithemba lokuthi bazokwazi ukuqhubeka nomgqigqo omuhle abahamba ngawo. Uthe okubalulek­ile wukubhekan­a nezinselel­o zomdlalo ngamunye.

“Ngihlabeke umxhwele ngezinga elikhonjis­we ngabadlali bami. Sengimince­le ukuthi baqhubeke nokwenza kahle. Makhulu amathuba okuthi bangakwazi ukufeza iphupho lethu lokubuyela kwiDStv Premiershi­p ngesizini ezayo.

“Kufanele sizame ukudlubulu­ndela ukuthola amaphuzu agcwele kule midlalo esele. Umdlalo wethu neVenda umqoka ngaphezu kokwenza. Ngenhlanhl­a siyayazi ukuthi iphetheni. Ngikholwa wukuthi umqeqeshi wethu (uSimo Dladla) uzokwazi ukuyihlele­la ngendlela,” esho.

* IMilford FC ithole iphuzu ibanjwa yiNB La Masia ngo-0-0 koweligi ngoMgqibel­o ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

UDkt Xanti Pupuma ongumnikaz­i weMilford FC, uthi yize bekungafan­ele bathole iphuzu elilodwa kepha usenalo ithemba lokuthi bazokwazi ukugwema ukugencwa yizembe. Uthi kulo mdlalo abadlali bakwenze konke kepha kwanqaba yona inhlanhla. Uthi umincele ukuthi banqobe uma sebebheken­e neCasric Stars.

* Imidlalo yeMotsepe Foundation Championsh­ip (MFC) ezogijinyw­a phakathi nesonto imi kanje:

KUSASA NGOLWESIBI­LI

E-Olympia Park: Orbit College vs Hungry Lions 15h00. EThohoyand­ou: Venda FC vs Maritzburg United 15h00. EMxolisi Dicksy: Upington City vs Baroka FC 15h00.

NGOLWESITH­ATHU

E-Isak Steyl: Marumo Gallants vs Black Leopards 15h00.

E-Absa Tuks: University of Pretoria vs JDR Stars 15h00.

EPrincess Magogo: Milford FC vs Casric Stars 15h00.

E-Olen Park: Platinum City Rovers vs Magesi FC 15h00.

EDobsonvil­le: NB La Masia vs Pretoria Callies 15h00.

mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa