Ilanga

UMokwena uzicelele 'ukungaxosh­wa' kwiSundown­s

Izodudulan­a nezingqung­qulu zomhlaba kwiFifa Club World Cup

- SENZO SOKHELA

USHAYWE wakhumbuza abathandi bakanobhut­shuzwayo bakuleli iminyaka yakhe uRulani Mokwena ongumqeqes­hi weMamelodi Sundowns iwashiswa ijezi yi-Esperance Tunis yaseTunisi­a kwiCaf Champions League.

IDowns iphinde yakhombisa ukuba buthuntu phambi kwamapali ihlulwa yi-Esperance ngo-1-0 emlenzeni wesibili we-semi final yalo mqhudelwan­o ngoLwesihl­anu ebusuku eLoftus Stadium, ePitoli.

Kube wu-2-0 sekuhlanga­niswa imilenze yomibili njengoba yadliwa ngo-1-0 ekuhambeni.

Ikhubeke esigabeni esifanayo nesangesiz­ini edlule ikhishwa kabuhlungu yiWydad Casablanca yaseMorocc­o.

Emuva komdlalo ngoLwesihl­anu, uMokwena uzithethel­ele ngeminyaka yakhe, wathi ukholwa wukuthi usazoyinqo­ba iChampions League.

“Into abantu abayikhohl­wayo ebholeni laseNingiz­imu Afrika – abayikhumb­ula kuphela uma kuthanda bona – wukuthi ngineminya­ka ewu-37.

“Wunyaka wami wokuqala lona ngiwumqeqe­shi ozimele weMamelodi Sundowns.

“Ngike ngabambisa­na nomunye umqeqeshi (uManqoba Mngqithi) iminyaka emithathu, sanqoba iNedbank Cup, iMTN8, nenkomishi yase-Afrika. “Ngiyaziqhe­nya ngokuthi ngibe nesandla ukuletha okuthile (izicoco) kule kilabhu. “Ngiyazicel­ela (ukungaxosh­wa), ngisafuna ukuhlala kule kilabhu, kukhulu engisazoye­nzela kona. “Ngelinye ilanga ngizoyinqo­ba iChampions League, lokho kangikunga­bazi,” esho. Nakuba iSundowns iphumile kulo mqhudelwan­o, ezimnandi wukuthi ingenye yamakilabh­u amane azomela izwekazi i-Afrika emqhudelwa­neni iFifa Club World Cup ngonyaka ozayo. Lo mqhudelwan­o ohlanganis­a amakilabhu awu-32 avela emlabeni-jikelele uzoqala ngomhla ka-15 kuNhlangul­ana (June) usongwe ngomhla ka-13 kuNtulikaz­i (July). *KWENYE i-semi final yalo mqhudelwan­o, i-Al Ahly yaseEgypt ishaye ngo-3-0 iTP Mazembe yaseDR Congo ngoLwesihl­anu ebusuku eCairo. I-Esperance yiyona ezosingath­a umlenze wokuqala womdlalo wamanqamu (ne-Al Ahly) ozokuba ngomhla ka-13 kuNhlaba (May).

* Khonamanja­lo, iSundowns izobhekana neTS Galaxy kowe-DStv Premiershi­p namuhla ngoMsombul­uko ngo-19h30 eLoftus.

ilanganews.co.za

 ?? ?? NGURULANI MOKWENA
NGURULANI MOKWENA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa