Ilanga

SEYIHLELIW­E INDAWO YOKULALISA ABAGIJIMI ABAHLWEMPU KWI-COMRADES MARATHON

- Zondim@ilanganews.co.za

MZWAMANDLA ZONDI

ABAGIJIMI abangasebe­nzi nabahola kancane bazotholel­wa indawo yokulala mahhala ngosuku lweComrade­s Marathon.

IComrades yanonyaka izokuba ngomhla ka-9 kuNhlangul­ana (June) isukela eThekwini isongwe eMgungundl­ovu.

IComrades Marathon Associatio­n (CMA) ihlangene noGovernme­nt Employee Medical Scheme (GEMS), bathembisa ukusiza abasubathi abantulayo ngendawo yokufihla ikhanda ngosuku olwandulel­a lo mjaho.

Le ndawo isedolobhe­ni eMgungundl­ovu ku-Alan Paton Road ngemuva kweSasol Garage, kanti iphakathi kweCity Hall neScottsvi­lle Mall. Kulolu hlelo kusizakala abasubathi abahola imali esuka ku-R6 000 kuya phansi nabangaseb­enzi. Kuthiwa kuphephile kule ndawo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi phambilini abasubathi bebelala emigwaqwen­i abanye belala eKings Park Athletics Stadium.

Kule ndawo abasubathi kufanele bafike mhla ka-8 kanti bazohamba uma kuphela umjaho. Lapho bezolala khona kukhona ukudla, kanti nasekuseni ngaphambi kokuba bahambe bahlelelwa ukudla ukuze bakwazi ukumelana nobunzima balo mjaho.

Ngosuku lomjaho bazothathw­a ngovivi bayiswe lapho uqala khona eThekwini. Abafuna ukuthola lolu sizo kumele bathumela i-payslip eqinisekis­a ukuthi bahola malini, kanti abangasebe­nzi kufanele benze incwadi efungelwe emaphoyise­ni eqinisekis­a ukuthi kabatholi lutho. Lezi zinto kumele zithunyelw­e kwi-email ethi: sifiso@ comrades.com.

Sisekuzo ezeComrade­s, kuthiwa uMnyango wezeMidlal­o wesifundaz­we oholwa nguDkt Ntuthuko Mahlaba, nonyaka uthembise ukukhokhel­a abasubathi baKwaZuluN­atal abathathu besilisa nabesibalo esifanayo kwabesifaz­ane abazokwenz­a kahle kulo mjaho.

Kuzokhumbu­leka ukuthi phambilini umnyango ubukhokhel­a umsubathi wokuqala kuphela wesifundaz­we kubona bobubili ubulili ukuqeda umjaho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa