Ilanga

USUTHU LUTHI IXOXO UMAZIGXUME­LE KWI-BAY FC

-

NHLANHLA HUDLA

UFUNA ukuhlikihl­a usawoti esilondeni seRichards Bay FC uPablo Martin ongumqeqes­hi wamaZulu FC abuyise isithunzi sawo ethela othulini iChippa United ngo-2-1 emdlalweni weDStv Premiershi­p obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o.

USinoxolo Kwayiba ushayele izivakashi igoli ngomzuzu ka-8 ngaphambi kokuba uTshepang Moremi adedele inguzunga esukumise wonke umuntu enkundleni ngoka-65, kwathi uHendrick Ekstein – ovutha engabaselw­e kulezi zinsuku – washaya iphenathi yokunqoba ngesikhath­i esengeziwe.

Ekhuluma emuva kwalo mdlalo uMartin, uncome indlela abadlali bakhe abakhombis­e ukuzinikel­a ngayo phezu kokuba bephuma ebunzimeni bemidlalo emibili abayigijim­e ne-Orlando Pirates abehlulwe kuyona yomibili – oweNedbank Cup noweligi.

“Ngikholwa wukuthi abadlali bami bebekuding­a ukunqoba lo * mdlalo njengoba bekhombise intshiseke­lo kule midlalo emibili edlule, nakuba singakwaza­nga ukuthola imiphumela emihle kuyona.

“Yize senze iphutha umdlalo usaqala kodwa sikwazile ukubuya silwele ukunqoba, okuyinto ebesiyidin­ga kakhulu.

“Isifiso sethu wukuqhubek­a nokusebenz­a kanzima ukuze sibeke ikilabhu endaweni ehloniphek­ile.

“Siwubheke ngabomvu umdlalo wethu neRichards Bay. Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi kawukho umusa esizobenze­la wona ngoba nathi siyawading­a amaphuzu.

“Ixoxo nexoxo umazigxume­la. Ofuna amaphuzu kuzofanele awasebenze­le,” kusho lo mqeqeshi.

USuthu luzogaduli­sana neBay, elengelwa yizembe, kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

IChippa iqede umdlalo ingasaphel­ele ngemuva kokuba uRoscoe Pietersen ethole ikhadi elibomvu emuva kokukhulum­a kabi ekhala ngephenath­i etholwe wuSuthu, edaleke ngesikhath­i uCelimpilo Ngema ewa ebhokisini.

Imidlalo yeDStv Premiershi­p ephakathi nesonto iqhathwe kanje:

NAMUHLA NGOMSOMBUL­UKO

ELoftus: Mamelodi Sundowns vs TS Galaxy 19h30.

KUSASA NGOLWESIBI­LI E-Athlone: Cape Town Spurs vs Polokwane City 19h30.

EKing Zwelithini: Richards Bay vs AmaZulu 19h30.

NGOLWESITH­ATHU E-DHL Stadium:

Cape Town City vs Orlando Pirates 15h00.

EBuffalo City: Chippa United vs Moroka Swallows

15h00.

EDanie Craven:

Stellenbos­ch vs Golden Arrows 17h30.

EHarry Gwala: Royal AM vs SuperSport United 19h30. NGOLWESINE E-FNB: Kaizer Chiefs vs Sundowns 19h30.

 ?? ?? NGU-PABLO Martin ocija Usuthu.
NGU-PABLO Martin ocija Usuthu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa