Ilanga

IPirates ishiye kukhalwa eKZN

Iwashaya sengathi iyabukisa amakilabhu akulesi sifundazwe

- NHLANHLA HUDLA noMFANAFUT­HI NDLOVU

I-ORLANDO Pirates ishiye kukhalwa KwaZulu-Natal ngokuvulel­a isibhaxu esesabekay­o emakilabhi­ni akhona kule nyanga ephelayo, uMbasa (April). IBucs iqinise amathuba ayo okuyodlala iCaf Champions League ngesizini ezayo ixebula iRoyal AM ngo-4-0 koweDStv Premiershi­p izolo ngeSonto ntambama eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Lo mphumela welama emibili lapho iBucs igaxe khona AmaZulu FC induku kabili, kuba ngu-4-2 kwiNedbank Cup no-1-0 kwiligi, kanti ngaphambi kwalokho yabukisa ngeGolden Arrows iyitaxa ngo-7-1 ngempelaso­nto yokuqala kaMbasa.

Amagoli iPirates elobole ngawo i-AM abekwe enethini nguPatrick Maswangany­i, obekuyiphe­nathi ngomzuzu ka-29, nguThalent­e Mbatha ngoka-56, nguReleboh­ile Mofokeng ngoka-76 noKabelo Dlamini ngoka-81.

Kulo mdlalo uMofokeng ubecanasa kubadlali be-AM basemuva.

Iphenathi etholwe yiBucs ize ngemuva kokuba uSbusiso Magaqa edlalise kabi uMonnapule Saleng, obengekho ebhokisini, kodwa unondweba wenza iphutha, walikhomba emlotheni.

USedwyn George we-AM wehlulwe wuqekelele umdlalo usanda kuqala.

UJohn Maduka opheka i-AM ukhale ngonondweb­a athi ubahlinzel­e ezibini ngokunika iBucs iphenathi “kungafanel­e”.

Uthi abadlali bakhe bakwenze konke enkundleni, kwasho khona ukuthi bekungelon­a usuku lwabo.

“Okubi wukuthi nonondweba ubemanqika ukuyibeka iphenathi.

“Kangikholw­a ukuthi isigameko senzeke ebhokisini. Ngiyazi ukuthi nabo (onondweba) bayawenza amaphutha.

“Okubalulek­ile manje kithina wukubheka imidlalo ezayo. Kufanele sizishayel­e iSuperSpor­t United ngoba sisenalo ithuba lokungena kwiTop 8,” esho.

UJose Riviero, ocija iPirates, uthe bathwale kanzima ngesiwombe sokuqala.

Nokho ubancomile abadlali bakhe ngokugcina umgqigqo wokunqoba. Uthe ngesiwombe sesibili bebengcono kakhulu.

“Siyajabula ngokunqoba.

“Manje sibheke imiphumela yethu, kasikubhek­ile (kangako) okungaphan­dle. Kufanele siyehlule iCape Town City phakathi nesonto,” esho.

Uthi okuhle ngezakhe wukuthi seziyakwaz­i ukusebenzi­sa amathuba eziwathola­yo.

“Ngiyababon­gela abadlali nabalandel­i abafike ngezinkani kulo mdlalo,” kusho uRiveiro.

Uthe uThalante ukhombisa izimpawu zokuvuthwa.

Kulo mdlalo kuthiwa kubanjwe umuntu edayisa amathikith­i

awumbombay­i, wakhalelwa ngamasongo kaSigonyel­a.

* Isiyonke imiphumela yeDStv Premiershi­p imi kanje: Cape Town City 1, Arrows 1; AM 0, Pirates 4; Stellenbos­ch 5, Polokwane 0; Chiefs 2, SuperSport 1; AmaZulu FC 2, Chippa 1; Galaxy 2, Swallows 1; Spurs 1, Bay 0.

* EyeMFC imi kanje: Gallants 3, Platinum 0; Casric 0, JDR 1; Milford 0, La Masia 0; Magesi 0, Maritzburg 2; Lions 1, Baroka 2; Venda 0, Tuks 0; Leopards 3, Orbit 0; Callies 1, Upington 1.

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? URELEBOGIL­E Mofokeng we-Orlando Pirates ubeyiphela endlebeni ezitobheni koweligi eMgungundl­ovu. Lapha ubemakwa nguKhuleka­ni Shezi we-AM. zeRoyal AM abayititin­ye ngo-4-0
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X URELEBOGIL­E Mofokeng we-Orlando Pirates ubeyiphela endlebeni ezitobheni koweligi eMgungundl­ovu. Lapha ubemakwa nguKhuleka­ni Shezi we-AM. zeRoyal AM abayititin­ye ngo-4-0

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa