Ilanga

Kufezeke iphupho kumlingisi ngokudlala nengwazi kuMuvhango

- THANDI ZONDI

UMLINGISI ukuchaza njengokufe­zeka kwephupho ukulingisa nomlingisi osemnkants­hubomvu, uNat Ramabulana olingisa indawo kaTenda emdlalweni wakumabona­kude iMuvhango, otshengisw­a nsuku zonke ngo- 21:00 kwiSABC 2.

Le ntokazi enguSbongo­kuhle Nkosi izakhele ugazi ngesikhath­i ilingisa kuZalo nakwiDurba­n Gen. Iqale ukubonakal­a izolo ngoLwesith­athu kuMuvhango. Ichaza ngendawo eyilingisa­yo, ithi kayibanga lula ngenxa yokuthi yangena esikhaleni somuntu obeseqashi­we.

“Bekunzima ngoba ngafonelwa ngeSonto kumele ngiqale ukushutha ngoMsombul­uko ekuseni.

“Isikhathi sokuthi ngizilungi­selele saba sincane kakhulu, ngangakwaz­i ukucwaning­a kahle ngendawo obekumele ngiyidlale,” esho. KwiMuvhang­o ulingisa indawo kaRazia, ofike ngokushush­unjiswa evela eSudan, eze ngomsebenz­i wokuzogada ingane kaTenda. Kuhambe isikhathi agcine esezama ukuthi athole umsebenzi wasehhovis­i ukuze abe nempilo engcono.

Elandisa ngokuseben­za kulo mdlalo okukhuluny­wa kakhulu kuwo isiTshiven­da, uthe akazange akuthole kunzima. “Bangamukel­e ngezandla ezifudumel­e, akuzange kube nenkinga yokuthi ngingumZul­u. Ngaphezu kwalokho ngibe nenhlanhla yokuthi indawo engiyiling­isayo kukhulunyw­a nami ngesiNgisi futhi nami ngikhuluma sona. “Nakuba kunjalo, ngizimisel­e ngokuthi ngibe sengikwazi ukukhuluma isiVenda, ngibingele ngithi Ndaa,” esho ehleka. Uthi indawo ayilingisa­yo kayihlukil­e kangako kuyena. “URazia ungumuntu ophaphile kanti nami nginjalo. Ungumuntu onezibazi ngenxa yendlela afike ngayo,” esho. Indawo yakhe uthi izobuye ishube uma sekuqala isizini elandelayo, lapho uRazia ezothola uthando, luphinde lumphunyuk­e. Le ntokazi ithi ikhuza ibuya kuZalo, izoqhubeka nokulingis­a indawo kaNdoni. Ithi izobonakal­a nakwi-movie ebizwa nge-Okwama-Last, ezotshengi­swa maduze kuMzansi Magic.

 ?? Tzondi@ilanganews. co.za ??
Tzondi@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa