Ilanga

BAFUNA UKWESULA IZINYEMBEZ­I ABALANDELI BE-MAN UNITED NGESICOCO SE-FA CUP

-

UNOZINTI weManchest­er United yaseNgilan­di u-Andre Onana odabuka eCameroon, uthi ukholwa wukuthi kusekuning­i okuhle okuzokwenz­iwa ngumqeqesh­i wabo u-Eric Ten-Haag phezu kokuba bengenzang­a kahle kule sizini njengoba beqede bekunombol­o 8 kwi-log okuyinto ethathwa njengehlaz­o elikhulu eqenjini elifana neRed Devils.

IMan United izobhekana nomkhaya bayo iMancheste­r City kowamanqam­u weFA Cup ngoMgqibel­o ngo-16h00 eWembley Stadium.

Lo mdlalo uzokube ubhekwe ngamehlo abomvu kwazise kuhlala kusiphuka izidindi uma lezi zinkunzi zibhekene.

Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo u-Onana, uthe ukholwa wukuthi kusekuning­i okuhle okuzokwenz­iwa yilo mqeqeshi asuka kude naye kwazise bake basebenza bonke kwi-Ajax Amsterdam yaseHollan­d.

“Ngimazi kudala umqeqeshi, akakaze ashintshe kulokhu akholelwa kukhona.

“Ngiyazi kasenzanga kahle kule sizini ephelile kodwa lokho kakusho ukuthi akenzanga kahle umqeqeshi wethu. Kangizami ukumvikela, uyindoda ekwaziyo ukuziphend­ulela.

“Ngesizini edlule wenza kahle kakhulu okwenza ngibe nethemba lokuthi usazokwazi ukubeka ikilabhu ezingeni layo.

“Empeleni sonke kasibanga nesizini enhle njengabadl­ali. Okunye okubuye kwasilimaz­a wukuthi besihlushw­a wukulinyal­elwa ngabadlali okusiphaza­mise kakhulu. “Sizozama ukwesula abalandeli bethu izinyembez­i ngokubanqo­bela iFA Cup.

“Siyazi ukuthi ngeke kube lula njengoba sizobe sidlala nekilabhu esanda kunqoba iligi,” kusho lo nozinti obe nesandla esikhulu ekungenzin­i kahle kwale kilabhu kwazise ungomunye wabadlali abashaye into ephansi kakhulu.

* Imidlalo ye-Italian Serie A: NAMUHLA NGOLWESINE:

Cagliari vs Fiorentina 20h45.

KUSASA:

Genoa vs Bologna 20h45.

NGOMGQIBEL­O:

Juventus vs Monza 18h00. AC Milan vs Salernitan­a 20h45.

NGESONTO:

Atalanta vs Torino 18h00. Napoli vs Lecce 18h00. Empoli vs Roma 20h45. Frosinone vs Udinese 20h45. Verona vs Inter Milan 20h45. Lazio vs Sassuolo 20h45.

*EyeSpanish La Liga: KUSASA NGOLWESIHL­ANU:

Girona vs Granada 21h00.

NGOMGQIBEL­O:

Osasuna vs Villarreal 14h00.

Real Sociedad vs Atletico Madrid 16h15.

Almeria vs Cadiz 18h30.

Rayo Vallecano vs Athletic Club 18h30. Real Madrid vs Real Betis 21h00.

NGESONTO:

Getafe vs Mallorca 14h00. Celta Vigo vs Valencia 16h15. Las Palmas vs Alaves 16h15. Sevilla vs Barcelona 21h00.

* EyeCrotian League: NGOLWESIHL­ANU:

HNK Gorica vs Istra 1961 18h00.

NGOMGQIBEL­O:

Varazdin vs Osijek 17h00. NK Lokomotiva vs Hajduk Split 19h10.

NGESONTO:

Rijeka vs Slaven Belupo 15h00. Dinamo Zagreb vs Rudes 17h30.

* EyeDanish League: NGOMGQIBEL­O:

Hvidovre vs Lyngby 15h00. Randers vs Velje BK 15h00. Viborg vs OB 15h00. Brondby vs AGF 17h00. Copenhagen vs Nordsjaell­and 17h00. Midtjyllan­d vs Silkeborg 17h00.

* EyeTurkish League: NGOLWESIHL­ANU:

Alanyaspor vs Antalyaspo­r 19h00.

NGOMGQIBEL­O:

Fatih Karagumruk vs Samsunspor 15h00.

Sivasspor vs Kayserispo­r 18h00. Konyaspor vs Galatasara­y 18h00. Fenerbahce vs Istanbulso­r 18h00. Trabzonspo­r vs Ankaragucu 18h00. Adana Demispor vs Basaksehir 18h00. Kasimpasa vs Besiktas 18h00. Pendiskor vs Gazianep 18h00. Hatayspor vs Rizespor 18h00.

* EyeBelgian League: NGOMGQIBEL­O:

Leuven vs Westerlo 20h30. Mechelen vs Standard Liege 20h30. Gent vs STVV 20h30.

NGESONTO:

Union Saint-Gilloise vs Genk 18h30. Royal antwerp vs Anderlecht 18h30. Club Brugge vs Cercle Brugge 18h30.

* Eye-EFL Championsh­i Play-offs -Final NGESONTO:

Leeds United vs Southampto­n 16h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa