‘Asihlangene nabathandanayo’

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

ABAXHUMI abaxhasi ekuthandaneni kwabalingisi babo abomdlalo owuchungechunge wakuSABC1, iGenerations: The Legacy.

Bakuveze lokhu ngesikhathi bebuzwa ngezinsolo esezisabalele zokuthandana kukaZoe Mthiyane odlala indawo kaZitha noRapulana Seiphemo odlala indawo kaTau.

Okhulumela lo mdlalo, uGaaratwe Mokhethi, uthe abahlangene nokwenziwa abalingisi babo uma sebengaphandle. Uthe ngeke bakwazi ukuphawula ngalezi zinsolo ezisabalale ngoLwesine ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi uZoe efake isithombe sakhe benoRapulana ekhasini lakhe ku-Instagram.

UMokhethi uveze ukuthi awukho umthetho abawubekile ovimba abalingisi babo ukuthi bathandane bodwa.

“Asihlangene nabathandanayo. Asihlangani nokwenziwa abalingisi bethu ngasese. Into esikhathazeka ngayo indawo abayidlalayo. Sinaka ukuthi ngabe umsebenzi basawenza ngendlela yini.

“Sihlanganiswa umsebenzi nabo, asingene kwabakwenza ngaphandle komsebenzi inqobo nje uma kungawuphazamisi umsebenzi,” kusho uMokhethi.

Uthe okwamanje basathokozile ngomsebenzi omuhle owenziwa yibo bonke abalingisi babo.

Lesi sithombe esifakwe uZoe, simveza noRapulana kubukeka engathi bapepenyeka ebhishi thizeni njengoba kuvela isihlabathi sasolwandle ngemuva.

Abalandeli babo basitolike ngokuthi isigxivizo esiqinisekisa izinsolo zokuthi bayathandana.

Isithombe besihambana nombhalo otolikeka kanje: “Uma usaphefumula, phila impilo yakho ngendlela ofisa ngayo.”

Abalandeli babo bazwakalise ukubajabulela abanye bebemangele ukuthi kanti ukuthandana kwalaba balingisi emdlalweni kungenzeka ukuthi kuze kwaphumela nangaphandle komdlalo.

Omunye wabalandeli ubhale ukuthi akakhumbuli ebona lesi siqephu esisesithombeni kwiGenerations.

Osaziwayo okubalwa nozakwabo walaba balingisi uManaka Ranaka odlala indawo kaLucy bangabanye abaphawulile, bezwakalisa ukujabulela ukubona lesi sithombe.

Ekhasini likaRapulana laku-Instagram nakhona kukhona izithombe zikaZoe okuqinisa izinsolo zokuthi kukhona okuqhubekayo phakathi kwabo.

YISO lesi sithombe esisabalalise izinsolo zokuthi abalingisi beGenerations: The Legacy, uZoe Mthiyane noRapulana Seiphemo bayathandana Isithombe: INSTAGRAM/ ZOE_MTHIYANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.