Ifuze uyise indodakazi ka-Arthur

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

UKHAMBA lufuze imbiza phakathi kwenkakha yomculi wekwaito u-Arthur Mafokate nendodakazi yakhe u-Owami osengene shi endimeni yezokungcebeleka.

U-Owami (17) ongumfundi kaGrade-11 unguDJ aphinde abe ngumdansi.

Waqala ukudansela uChomee eneminyaka eyisithupha.

U-Arthur uthe wayengazitsheli ukuthi indodakazi yakhe izohamba ezinyathelweni zakhe.

Uthe unakho ukumsabela u-Owami njengoba kulo mkhakha wezokungcebeleka abantu bayajikelana, bakuthanda uma usabasiza kuphela.

Uveze ukuthi okwamanje nguye imenenja ka-Owami kodwa uma esekhule ngokwanele uzomdedela ukuthi aphathwe ngomunye umuntu.

“Ngesikhathi engitshela ukuthi ufuna ukuba nguDJ ngameseka. Ngamdonsa ngendlebe ukuthi kuzomele asebenze ngokuzikhandla ngoba angifuni ukuchitha isikhathi sami ngiseka umuntu odlalayo. Nginethemba lokuthi umculo ngeke umphazamise esikoleni,” kusho u-Arthur.

Uqhube wathi kubalulekile ukuthi amaciko asafufusa njengaye u-Owami, ahloniphe amaciko amadala nozakwabo, angavumeli udumo ukuthi luwangene emakhanda.

U-Owami uthe uqale ukuba nguDJ ngesikhathi eneminyaka engu-13 wabuye wama, wabuyela kulo nyaka.

Uthe uyayichitha imicimbi ephakathi nezinsuku ukugwema ukuphazamiseka esikoleni njengoba eqokwe njengekhansela lesikole.

“Esikoleni ngiyazimisela kakhulu. Ngingomunye wabafundi abavelele kwiMaths. Ngithanda ukudansa kakhulu kunokuba nguDJ. Ngikhule ngingumdansi. Emcimbini engisuke ngiyosebenza kuyo ngifike ngibadansele,” kusho u-Owami.

Ubonge nowayengumlingisi weSarafina, uNonhlanhla Sithole, ngokumfundisa

ukudansa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.