UDlamini Zuma uzothula umlando kufihlwa uStalin

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

UNGQONGQOSHE eHhovisi likaMengameli, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, kulindeleke ukuthi athule umlando kamufi enkonzweni yomngcwabo wesishoshovui seSACP uMnuz Eric ‘Stalin’ Mtshali (84) ongcwatshwa namuhla.

Lokhu kumenyezelwe okhulumela umengameli uNkk Khusela Diko esitatimendeni asithumele kwabezindaba ngamalungiselelo omngcwabo.

Umngcwabo kaMtshali uzoba sezinkundleni zemidlalo eSuger Ray Xulu eClermont, eThekwini.

UMtshali udlule emhlabeni ngesonto eledlule exinwe ukugula okumnqobe elaliswe esibhedlela Inkosi Albert Luthuli, eThekwini.

UMtshali uzongcwatshwa ngokohlelo lombuso ngenhloso yokumhlonipha ngeqhaza lakhe emzabalazweni wenkululeko.

UMtshali uke wahlonishwa ngeNational Order of Mendi for Bravery in Silver futhi uke waba yilungu loMkhonto Wesizwe eliqavile.

Umngcwabo wale ngwevu kwezomzabalazo uzohanjelwa yizicukuthwane zikahulumeni ezahlukene ezizodedelana enkundleni zivalelisa kule nsika enomlando omuhle kwezombusazwe.

SIBEKWA kobandayo namuhla isishoshovu seSACP ebesihlonishwa, uMnuz Eric ‘Stalin ‘Mtshali, oshone emuva kokugula Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.