I-SABC izophenya ngezinsolo zokuphula umgomo ngolweVBS

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

I-SABC izophenya ngezinsolo zokuphula umgomo wezokusakaza ngezindaba ngombiko wawo othinta ibhange iVBS Mutual Bank, ezindlini zayo zokusakaza ePolokwane.

Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe okhulumela iSABC, uNkk Neo Momodu izolo.

Uthe lesi sinqumo sihambisana nemizamo yabo emisha yokuqinisekisa ukuthi ngaso sonke isikhathi iSABC ilandela imigomo efanele emibikweni yayo.

Uqhube wathi babhekela isithunzi senkampani nokwethembeka kwayo ekubikeni izindaba eziliqiniso.

“Uma uphenyo lwasePolokwane luveza ukuthi uphiko lwezindaba kwaSABC luphule imigomo yezokusakaza ngezindaba, abantu abathintekayo bazothathelwa izinyathelo ezinqala. Ukubika ngokuchema, kuthunaza isithunzi seSABC ngakho akuzukubekezelelwa neze,” kushi uNkk Momodu.

Uthe iSABC izimisele ngokufeza isithembiso sayo emphakathini sokusakaza izindaba eziyiqiniso nezingachemile ngaso sonke isikhathi.

-African News Agency

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.