UDukwana usonga ngokuhlinzela ezibini uMagashule ebufakazini

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

OWAKE waba uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha eFree State, uMnuz Mxolisi Dukwana, ufunge wagomela ukuthi uzohlinzela ezibini uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule ngobufakazi azobukhipha kwiKhomishini yokulawulwa kombuso yidlanzana.

UDukwana uthe uMagashule wambamba ngengalo wamusa kwabakwaGupta efuna kusayinwe isivumelwano sezizumbulu.

Uthi uhulumeni waseFree

State wase uphenduke unondlini wabakwaGupta uzisengela imali. Uthe uzodalula ukusuka nokuhlala ngeqhaza likaMagashule ekugwamandweni kombuso.

Le khomishini eholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo ibisaguqile kodwa izobuya maduze. Inikwe umyalelo wokuthi iphenye kabanzi ngokulawulwa kombuso idlanzana okuthiwa kwakubhebhezelwa yizinkinsela zakwaGupta ezingobhululu bakaMnuz Jacob Zuma osanda kwehla esihlalweni. Abanye ofakazi abalindelekile kukhona uMnuz Pravin Gordhan oke waba uNgqongqoshe wezeMali. Omunye uNkk Barbara Hogan naye oke waba ngungqongqoshe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.