Umbiko ngokumba eqolo kwe-data

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

UZOKHISHWA ngonyaka ozayo umbiko mayelana nenhlolovo ebiyenziwa maqondana nokubiza kwe-data eNingizimu Afrika.

Lezi zithangami zezinsuku ezintathu zigoqwe ngoLwesihlanu emuva kokuzwa izinhlaka ezehlukene ngodaba lwe-data okukhalwa ngokuthi imba eqolo.

Kunikwe izinhlangano ezizimele ithuba lokuthi zizwakalise ukukhala kwazo zishwelezela abantu bakuleli, ikakhulukazi abantulayo.

Kuphinde kwamenywa nezinkampani ezidayisa i-data zizobeka uvo lwazo bese kuba uhulumeni naye azwakalise uhlangothi lwawo.

Inhloko yethimba lenhlolovo uJason Aproskie, ithe izinhlangano ezizimele zikhale ngamanani e-data.

Isikhulu esiphezulu sakwaVodacom uShameel Joosub, sithe nakuba amanani e-data ehla kodwa lisekhona ithuba lokuthi ehle kakhulu. Isililo sokubiza kwedata sikhalwa nxazonke ngoba nomsakazi uTbo Touch uke wezwakala efuqa umkhankaso wokwehliswa kwayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.