Impamba kuboshwa obezenza udokotela egunjini lezingane

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

KUBOSHWE udokotela mbumbulu ngoLwesihlanu obesesebenze isonto lonke esibhedlela iKing Edward VIII, eThekwini.

Lo wesifazane (21) kuthiwa ukhalelwe ngamasongo kasiGonyela khona esibhedlela ngemuva kokuthi ehluleke ukuveza amaphepha okusebenza.

Ngokusho komthombo, udokotela mbumbulu ufike kulesi sibhedlela ngoMsombuluko njengesitshudeni esenza unyaka wesine ezifundweni zobudokotela, eNyuvesi iWits.

“Ubelokhu esebenza engenawo amaphepha amgunyazayo.

“Kusize unesi ewodini lezingane ocele ukubona isigqebhezana sasesikoleni ezintatha zangoLwesihlanu.

“Kuthe uma ehluleka ukusiveza lo nesi wathinta onogada ukuthi abake bamphenye ukuthi ungubani ngempela,” kusho umthombo.

Umthombo uthe iWits imphikile lo dokotela, yathi yagcina isichithile isicelo sakhe sokufunda ngenxa yokuthi amamaki akhe ayengemahle.

“Akuveli ukuthi inhloso yakhe bekuyini. Amaphoyisa athe ngesikhathi efonela unina, uthe wazi ukuthi unengane encane.

“Asazi noma ubefuna ukuyontshontsha ingane yini njengoba ubesebenza ewodini labesifazane ababelethayo,” kusho umthombo.

Uqhube wathi kwenzeka lokhu nje uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo ubesanda kukhipha umyalelo wokuthi izibhedlela ziqaphele abangenayo kuzo njengoba e-Addington kucishe kwantshontshwa usana.

Uthe kube kuhle ukuthi lo dokotela mbumbulu asheshe abanjwe engakadali umonakalo.

“Asazi noma kulesi sikhathi asichithile esibhedlela ubezisiza yini iziguli.

“Kungenzeka ukuthi nonesi ombambile kukhona into ebimusolisa ngaye.

“Isigebengu lesi ngoba besinalo nejazi elimhlophe leli lezitshudeni elibhalwe igama lakhe,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe alikho icala elivuliwe, uboshiwe wabuye wadedelwa ngemuva kokuphonswa imibuzo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.