Umzali wowayefake isicelo emaphoyiseni usola inkohlakalo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - CHRIS NDALISO

USOLA inkohlakalo unina wensizwa yaseMlaza, eThekwini eyayifake isicelo somsebenzi embuthweni wamaphoyisa kodwa yagcina ichithiwe emuva kokuthi ifunwe iziqu zemfundo ephakeme.

UThembi Moloto uthi indodana yakhe eneminyaka engu-24 angeke ayidalule, bayivukele esisiwini njengotshwala bayitshela ukuthi sekufuneka iziqu, isiphakathi nohlelo.

“Indodana yami yayisiphumelele kuzo zonke izigaba, yahlolwa isimo somzimba, yathathwa amanyela eminwe kwaze kwahlolwa nokukhalipha komqondo. Kwaba khona nenhlolokhono lapho eyayiphekwe khona ngemibuzo, yaphumelela yahambisa zonke izicucu enazo,’’ kubalisa uMoloto.

Uthi indodana yakhe ithe iyobuza esiteshini eMlaza yatshelwa ukuthi kwaphuma umyalelo wokuthi kuqashwe labo abaneziqu zemfundo ephakeme kuphela. Lo mzali uthi akayizwa kahle le ncazelo ngoba abaphumelanga obala ukuthi yiziphi iziqu ezifunekayo.

“Ngiyasola ukuthi kukhona okushaya amanzi la ngoba le ncazelo yabo ayizwakali. Indodana yami iphumelele zonke izivivinyo sekubambeni-ke?’’

Omunye umthombo osemaphoyiseni, uthe ayikho le nto yokufuneka kweziqu zemfundo ephakeme uma uzoqashwa.

Nomthombo uthe kukhona okushaya amanzi kulolu daba, baningi abantu abahlala bekhala ngendlela okuqashwa ngayo ophikweni lwamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vishnu Naidoo, uthe iziqu zemfundo ephakeme aziwona umgomo kodwa zimbeka kangcono lowo onazo kunongenazo uma kuqhudelwana ngokomsebenzi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Thembeka Mbele, uthe kukhethwe labo abashaya amamaki aphezulu ngesikhathi kuhlolwa abafake izicelo.

USihlalo wekomiti lamaphoyisa ePhalamende, uMnuz Francois Beukman, uthe umzali kufanele abhale isikhalo sakhe asilethe kuye ukuze asibheke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.