Ungakugwema ukuba umgilwa wobugebengu

Isolezwe ngeSonto - - IMIBONO/EZINOHLONZE -

KUNEZINTO abantu abazenzayo abanganaki ukuthi zibaholela ekubeni umgilwa wobugebengu.

Okhulumela uphiko lonogada nabezimo eziphuthumayo, iReaction Unit South Africa, uMnuz Prem Balram, uthe esikhathini esiningi uma kuzokwenzeka ubugebengu kusuke kukhona umuntu obonayo kodwa oqoka ukuthula.

Ukhuthaze abantu ukuthi basheshe bababikele noma bathinte amaphoyisa uma kunesimo esisolisayo.

Ezinye zezinto athe abantu kumele bazigweme ezidonsa izigebengu:

Uma beye emaholidini bangashiyi ugesi ukhanya ngoba izigebengu zizowubona ukhanya emini, zibone ukuthi akukho muntu.

Uma behambile ekhaya, kumele bacele omakhelwane babathathele iposi noma amaphepha abekwa esangweni ngoba izigebengu zibona ngawo uma sekuhleli isikhathi eside.

Bangashiyi amathuluzi nezinto ezibalulekile ngaphandle ngoba kuheha izigebengu.

Bayeke ukushiya amabhokisi ama-TV, radio nokunye esangweni uma engangeni emgqomeni ngoba izigebengu zibona ngawo ukuthi kunento entsha endlini.

Isikhwama semali ungasilengisi engalweni ngoba kulula ukuthi sihlwithe.

Abantu abayeke ukuhamba esidlangalaleni begqoke ubucwebe obubizayo.

Uthe abantu abaqikelele ukuthi baqasha abasizi basendlini abathembekile ngoba isikhathi esiningi yibo abatshela izigebengu ngezinto ezisendlini.

Uqhube wathi ebusuku abantu abayeke ukushayela nomculo usho phezulu ngoba lokho kwenza benganaki, bangaboni ngisho impilo yabo isisengcupheni.

O-car guard uthe ngabanye abantu okumele babaqaphele ngoba kuyenzeka basebenzisane nezigebengu.

Uthe ngesikhathi bekusiza ukufaka izimpahla emotweni bayabuka ukuthi unani.

“Ngesikhathi uphuma emotweni, ufaka isikhwama se-laptop ebhuthini, ucar guard usuke ebona. Kulula ukuthi asayinele izigebengu. Abanye bajema imoto ngakho kubalulekile ukuthi uma uvala imoto unyakazise izicabha. Abanye bagcina sebephihliza amawindi bavule ibhuthi,” kusho uBalram.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.